NgokukaMathewu 10:1-23

NgokukaMathewu 10:1-23 IsiZulu 2020 (ZUL20)

UJesu wayesebiza abafundi bakhe abali-12, wabanika igunya phezu komoya abangcolileyo, ukuze babakhiphe. Wabanika nelokuphulukisa izifo zonke nokugula konke. Nanka amagama abaphostoli abali-12: owokuqala nguSimoni okuthiwa nguPhethro, u-Andreya umfowabo, uJakobe noJohane umfowabo, amadodana kaZebedewu, uFiliphu, uBhartholomewu, uThomase, uMathewu umthelisi, uJakobe ka-Alifewu, uThadewu, uSimoni umKhanani, noJuda Iskariyothe, lo owakhaphela uJesu. Laba abali-12 wabathuma, wabayala wathi: “Ningayi kwabezizwe, ningangeni nasemzini wamaSamariya, kodwa yanini ezimvini ezilahlekileyo zendlu ka-Israyeli. Ekuhambeni kwenu shumayelani nithi: ‘Umbuso wezulu ususondele.’ Phulukisani abagulayo, nivuse abafileyo, nihlambulule abanochoko, nikhiphe amadimoni. Namukelisiwe ngesihle, yiphani ngesihle. Ningaphathi golide, siliva, nathusi emixhakeni yenu. Ningaphathi kwasikhwama sokwethekela, nabhantshi lesibili, kwazicathulo, kwaludondolo, ngokuba isisebenzi kufanele sinikwe ukudla kwaso. “Nakunoma yimuphi umuzi noma umuzana eniyakungena kuwo, anocinga ofaneleyo, bese nihlala kuwo, nize nihambe kuleyo ndawo. Kuyothi lapho ningena kulelo khaya, nibingelele. Uma lelo khaya lifanele, ukuthula kwenu makube phezu kwalo, kodwa uma lingafanele, ukuthula kwenu makubuyele kini. Yilowo nalowo ongayukunamukela ezwe amazwi enu, anothi niphuma nje kulelo khaya noma kulowo muzi, nithintithe uthuli ezinyaweni zenu. Ngiqinisile ngithi kini: kuyakuba ngcono eSodoma naseGomora ngosuku lokwehlulelwa kunakulowo muzi.” “Bhekani lapha, ngiyanithuma njengezimvu phakathi kwezimpisi, ngakho-ke hlakaniphani njengezinyoka, nibe mnene njengamajuba. “Kepha xwayani abantu, ngokuba bayakunikhaphela ezigcawini zokwehlulela, banishaye emasinagogeni abo. Niyakuyiswa phambi kwababusi namakhosi ngenxa yami, kube ngubufakazi kubo nakwabezizwe. “Kepha kuyakuthi nxa benikhaphela, ningakhathazeki ngokuthi niyakukhuluma nithini, ngokuba niyakuphiwa ngaleso sikhathi eniyakukukhuluma. Ngokuba akuyinina eniyakukhuluma, kodwa uMoya kaYihlo, nguye oyakukhuluma kini. “Umuntu uyakumkhaphela ekufeni umfowabo, noyise akhaphele umntwana wakhe. Abantwana bayakuvukela abazali, bababulale. Niyakuzondwa ngabantu bonke ngenxa yegama lami, kodwa oqiniselayo kuze kube sekupheleni, uyakusindiswa. Nxa benizingela komunye umuzi, balekelani komunye, ngokuba ngiqinisile ngithi kini: niyakuthi ningakayihambi yonke imizi yakwa-Israyeli, bese ifika iNdodana yomuntu.

NgokukaMathewu 10:1-23 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)

Wayesebabiza abafundi bakhe abayishumi nambili, wabanika amandla phezu kwawomoya abangcolileyo ukuba babakhiphe, nawokuphulukisa izifo zonke nokugula konke. Amagama abaphostoli abayishumi nambili yilawa: owokuqala nguSimoni othiwa uPetru, no-Andreya umfowabo, noJakobe kaZebedewu, noJohane umfowabo, noFiliphu, noBartolomewu, noTomase, noMathewu umthelisi, noJakobe ka-Alfewu, noThadewu, noSimoni umKhanani, noJuda Iskariyothe owamkhaphelayo. Laba abayishumi nambili uJesu wabathuma, wabayala wathi: “Ningayi ngendlela yabezizwe, ningangeni emzini wamaSamariya; kodwa yanini kakhulu ezimvini ezilahlekileyo zendlu ka-Israyeli. Ekuhambeni kwenu shumayelani nithi: ‘Umbuso wezulu ususondele.’ Phulukisani abagulayo, nivuse abafileyo, nihlambulule abanochoko, nikhiphe amademoni. Namukelisiwe ngesihle, yiphani ngesihle. Ningaphathi golide, nasiliva, nathusi emixhakeni yenu, nasikhwama sendlela, namabhantshi amabili, nazicathulo, naludondolo, ngokuba isisebenzi sifanele ukudla kwaso. “Nakumuphi umuzi noma umuzana eniyakungena kuwo, cingani ofaneleyo kuwo, nihlale khona, nize nimuke. Ekungeneni kwenu endlini niyibingelele. Uma indlu ifanele, ukuthula kwenu makuze phezu kwayo; kodwa uma ingafanele, ukuthula kwenu makubuyele kini. Yilowo nalowo ongayikunamukela engawezwa amazwi enu, anothi niphuma kuleyo ndlu noma kulowo muzi, nivuthulule uthuli ezinyaweni zenu. Ngiqinisile ngithi kini: Kuyakuba ngcono ezweni laseSodoma nakwelaseGomora ngosuku lokwahlulelwa kunakulowo muzi. Bhekani, ngiyanithuma ninjengezimvu phakathi kwezimpisi; ngakho-ke hlakaniphani njengezinyoka, nibe mnene njengamajuba. “Kepha xwayani abantu, ngokuba bayakunikhaphela emiphakathini, banishaye emasinagogeni* abo. Niyakuyiswa nangaphambi kwababusi namakhosi ngenxa yami, kube ngubufakazi kubo nakwabezizwe. “Kepha kuyakuthi, nxa benikhaphela, ningakhathazeki ngokuthi niyakukhuluma kanjani nokuthi niyakuthini, ngokuba niyakuphiwa ngaso leso sikhathi eniyakukukhuluma. Ngokuba akuyinina enikhulumayo kodwa uMoya kaYihlo okhuluma kini. “Kepha umuntu uyakukhaphela umfowabo ekufeni, noyise umntanakhe; abantwana bayakuvukela abazali babo, bababulale. Niyakuzondwa ngabantu bonke ngenxa yegama lami; kodwa okhuthazelayo kuze kube sekupheleni lowo uyakusindiswa. Nxa benizingela komunye umuzi, anobalekela komunye; ngokuba ngiqinisile ngithi kini: Aniyikuqeda imizi yakwa-Israyeli, ingakafiki iNdodana yomuntu.

NgokukaMathewu 10:1-23 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)

Wabizela kuye abafundi bakhe abayishumi nambili, wabanika amandla phezu kwawomoya abangcolileyo, ukuba babakhiphe, nawokuphulukisa izifo zonke nezifo zonke. Amagama abaphostoli abayishumi nambili yilawa; owokuqala nguSimoni othiwa uPetro, loAndreya umfowabo; uJakobe kaZebedewu, noJohane umfowabo; uFiliphu, loBartolomewu; uTomase, noMathewu umthelisi; uJakobe ka-Alfewu, noLebewu othiwa futhi uThadewu; uSimoni umKhanani, noJudasi Iskariyothe owamkhaphelayo. Laba abayishumi nambili uJesu wabathuma, wabayala wathi: “Ningayi endleleni yabezizwe, ningangeni emzini wamaSamariya; Kodwa yanini kakhulu ezimvini ezilahlekileyo zendlu kaIsrayeli. Ekuhambeni kwenu shumayelani nithi: ‘Umbuso wezulu ususondele.’ Phulisani abagulayo, nihlambulule abanochoko, nivuse abafileyo, nikhiphe amademoni; Ningaphathi golide, nasiliva, nathusi emixhakeni yenu; nasikhwama sohambo, namabhantshi amabili, nazicathulo, naludondolo, ngokuba isisebenzi sifanele ukudla kwaso. “Nakumuphi umuzi noma umuzana eniyakungena kuwo, funani ofaneleyo kuwo; nihlale khona nize nimuke. Nxa ningena endlini, niyibingelele. Uma indlu ifanele, ukuthula kwenu makube phezu kwayo; kepha uma ingafanele, ukuthula kwenu makubuyele kini. Njalo loba ngubani ongayikunamukela engalaleli amazwi enu, nxa liphuma kuleyondlu kumbe kulowomuzi, thintithani uthuli lwenyawo zenu. Ngiqinisile ngithi kini: Kuyakuba ngcono kulo izwe laseSodoma nelaseGomora ngosuku lokwahlulelwa kunakulowo muzi. Bhekani, ngiyanithuma ninjengezimvu phakathi kwezimpisi; ngakho hlakaniphani njengezinyoka, nibe msulwa njengamajuba. Kepha xwayani abantu, ngokuba bayakunikhaphela emiphakathini, banishaye emasinagogeni abo; Niyakuyiswa phambi kwababusi namakhosi ngenxa yami, kube ngubufakazi kubo nakwabezizwe. Kepha nxa benikhaphela, ningakhathazeki ngokuthi niyakukhuluma kanjani nokuthi niyakuthini, ngokuba niyakuphiwa ngaso leso sikhathi eniyakukukhuluma. Ngokuba akuyinina enikhulumayo kodwa uMoya kaYihlo okhuluma kini. Umfowabo uyakukhaphela umfowabo ekufeni, noyise umntwana, nabantwana bavukele abazali babo, bababulale. niyakuzondwa ngabantu bonke ngenxa yegama lami, kepha okhuthazelayo kuze kube sekupheleni nguyena oyakusindiswa. Kepha nxa benizingela kulo muzi, balekelani komunye, ngokuba ngiqinisile ngithi kini: Aniyikuqeda imizi yakwa-Israyeli, ingakafiki iNdodana yomuntu.

NgokukaMathewu 10:1-23 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)

Wabizela kuye abafundi bakhe abayishumi nambili, wabanika amandla phezu kwawomoya abangcolileyo, ukuba babakhiphe, nawokuphulukisa izifo zonke nezifo zonke. Amagama abaphostoli abayishumi nambili yilawa; owokuqala nguSimoni othiwa uPetro, loAndreya umfowabo; uJakobe kaZebedewu, noJohane umfowabo; uFiliphu, loBartolomewu; uTomase, noMathewu umthelisi; uJakobe ka-Alfewu, noLebewu othiwa futhi uThadewu; uSimoni umKhanani, noJudasi Iskariyothe owamkhaphelayo. Laba abayishumi nambili uJesu wabathuma, wabayala wathi: “Ningayi endleleni yabezizwe, ningangeni emzini wamaSamariya; Kodwa yanini kakhulu ezimvini ezilahlekileyo zendlu kaIsrayeli. Ekuhambeni kwenu shumayelani nithi: ‘Umbuso wezulu ususondele.’ Phulisani abagulayo, nihlambulule abanochoko, nivuse abafileyo, nikhiphe amademoni; Ningaphathi golide, nasiliva, nathusi emixhakeni yenu; nasikhwama sohambo, namabhantshi amabili, nazicathulo, naludondolo, ngokuba isisebenzi sifanele ukudla kwaso. “Nakumuphi umuzi noma umuzana eniyakungena kuwo, funani ofaneleyo kuwo; nihlale khona nize nimuke. Nxa ningena endlini, niyibingelele. Uma indlu ifanele, ukuthula kwenu makube phezu kwayo; kepha uma ingafanele, ukuthula kwenu makubuyele kini. Njalo loba ngubani ongayikunamukela engalaleli amazwi enu, nxa liphuma kuleyondlu kumbe kulowomuzi, thintithani uthuli lwenyawo zenu. Ngiqinisile ngithi kini: Kuyakuba ngcono kulo izwe laseSodoma nelaseGomora ngosuku lokwahlulelwa kunakulowo muzi. Bhekani, ngiyanithuma ninjengezimvu phakathi kwezimpisi; ngakho hlakaniphani njengezinyoka, nibe msulwa njengamajuba. Kepha xwayani abantu, ngokuba bayakunikhaphela emiphakathini, banishaye emasinagogeni abo; Niyakuyiswa phambi kwababusi namakhosi ngenxa yami, kube ngubufakazi kubo nakwabezizwe. Kepha nxa benikhaphela, ningakhathazeki ngokuthi niyakukhuluma kanjani nokuthi niyakuthini, ngokuba niyakuphiwa ngaso leso sikhathi eniyakukukhuluma. Ngokuba akuyinina enikhulumayo kodwa uMoya kaYihlo okhuluma kini. Umfowabo uyakukhaphela umfowabo ekufeni, noyise umntwana, nabantwana bavukele abazali babo, bababulale. Niyakuzondwa ngabantu bonke ngenxa yegama lami, kepha okhuthazelayo kuze kube sekupheleni nguyena oyakusindiswa. Kepha nxa benizingela kulo muzi, balekelani komunye, ngokuba ngiqinisile ngithi kini: Aniyikuqeda imizi yakwa-Israyeli, ingakafiki iNdodana yomuntu.