Wayesebabiza abafundi bakhe abayishumi nambili, wabanika amandla phezu kwawomoya abangcolileyo ukuba babakhiphe, nawokuphulukisa izifo zonke nokugula konke.
Amagama abaphostoli abayishumi nambili yilawa: owokuqala nguSimoni othiwa uPetru, no-Andreya umfowabo, noJakobe kaZebedewu, noJohane umfowabo, noFiliphu, noBartolomewu, noTomase, noMathewu umthelisi, noJakobe ka-Alfewu, noThadewu, noSimoni umKhanani, noJuda Iskariyothe owamkhaphelayo.
Laba abayishumi nambili uJesu wabathuma, wabayala wathi:
“Ningayi ngendlela yabezizwe, ningangeni emzini wamaSamariya; kodwa yanini kakhulu ezimvini ezilahlekileyo zendlu ka-Israyeli. Ekuhambeni kwenu shumayelani nithi: ‘Umbuso wezulu ususondele.’ Phulukisani abagulayo, nivuse abafileyo, nihlambulule abanochoko, nikhiphe amademoni. Namukelisiwe ngesihle, yiphani ngesihle. Ningaphathi golide, nasiliva, nathusi emixhakeni yenu, nasikhwama sendlela, namabhantshi amabili, nazicathulo, naludondolo, ngokuba isisebenzi sifanele ukudla kwaso.
“Nakumuphi umuzi noma umuzana eniyakungena kuwo, cingani ofaneleyo kuwo, nihlale khona, nize nimuke. Ekungeneni kwenu endlini niyibingelele. Uma indlu ifanele, ukuthula kwenu makuze phezu kwayo; kodwa uma ingafanele, ukuthula kwenu makubuyele kini. Yilowo nalowo ongayikunamukela engawezwa amazwi enu, anothi niphuma kuleyo ndlu noma kulowo muzi, nivuthulule uthuli ezinyaweni zenu. Ngiqinisile ngithi kini: Kuyakuba ngcono ezweni laseSodoma nakwelaseGomora ngosuku lokwahlulelwa kunakulowo muzi. Bhekani, ngiyanithuma ninjengezimvu phakathi kwezimpisi; ngakho-ke hlakaniphani njengezinyoka, nibe mnene njengamajuba.
“Kepha xwayani abantu, ngokuba bayakunikhaphela emiphakathini, banishaye emasinagogeni* abo. Niyakuyiswa nangaphambi kwababusi namakhosi ngenxa yami, kube ngubufakazi kubo nakwabezizwe.
“Kepha kuyakuthi, nxa benikhaphela, ningakhathazeki ngokuthi niyakukhuluma kanjani nokuthi niyakuthini, ngokuba niyakuphiwa ngaso leso sikhathi eniyakukukhuluma. Ngokuba akuyinina enikhulumayo kodwa uMoya kaYihlo okhuluma kini.
“Kepha umuntu uyakukhaphela umfowabo ekufeni, noyise umntanakhe; abantwana bayakuvukela abazali babo, bababulale. Niyakuzondwa ngabantu bonke ngenxa yegama lami; kodwa okhuthazelayo kuze kube sekupheleni lowo uyakusindiswa. Nxa benizingela komunye umuzi, anobalekela komunye; ngokuba ngiqinisile ngithi kini: Aniyikuqeda imizi yakwa-Israyeli, ingakafiki iNdodana yomuntu.