Mathewu 10

10
Mathewu 10
1Wabizela kuye abafundi bakhe abayishumi nambili, wabanika amandla phezu kwawomoya abangcolileyo, ukuba babakhiphe, nawokuphulukisa izifo zonke nezifo zonke.
2Amagama abaphostoli abayishumi nambili yilawa; owokuqala nguSimoni othiwa uPetro, loAndreya umfowabo; uJakobe kaZebedewu, noJohane umfowabo;
3uFiliphu, loBartolomewu; uTomase, noMathewu umthelisi; uJakobe ka-Alfewu, noLebewu othiwa futhi uThadewu;
4uSimoni umKhanani, noJudasi Iskariyothe owamkhaphelayo.
5Laba abayishumi nambili uJesu wabathuma, wabayala wathi: “Ningayi endleleni yabezizwe, ningangeni emzini wamaSamariya;
6Kodwa yanini kakhulu ezimvini ezilahlekileyo zendlu kaIsrayeli.
7Ekuhambeni kwenu shumayelani nithi: ‘Umbuso wezulu ususondele.’
8Phulisani abagulayo, nihlambulule abanochoko, nivuse abafileyo, nikhiphe amademoni;
9Ningaphathi golide, nasiliva, nathusi emixhakeni yenu;
10nasikhwama sohambo, namabhantshi amabili, nazicathulo, naludondolo, ngokuba isisebenzi sifanele ukudla kwaso.
11“Nakumuphi umuzi noma umuzana eniyakungena kuwo, funani ofaneleyo kuwo; nihlale khona nize nimuke.
12Nxa ningena endlini, niyibingelele.
13Uma indlu ifanele, ukuthula kwenu makube phezu kwayo; kepha uma ingafanele, ukuthula kwenu makubuyele kini.
14Njalo loba ngubani ongayikunamukela engalaleli amazwi enu, nxa liphuma kuleyondlu kumbe kulowomuzi, thintithani uthuli lwenyawo zenu.
15Ngiqinisile ngithi kini: Kuyakuba ngcono kulo izwe laseSodoma nelaseGomora ngosuku lokwahlulelwa kunakulowo muzi.
16Bhekani, ngiyanithuma ninjengezimvu phakathi kwezimpisi; ngakho hlakaniphani njengezinyoka, nibe msulwa njengamajuba.
17Kepha xwayani abantu, ngokuba bayakunikhaphela emiphakathini, banishaye emasinagogeni abo;
18Niyakuyiswa phambi kwababusi namakhosi ngenxa yami, kube ngubufakazi kubo nakwabezizwe.
19Kepha nxa benikhaphela, ningakhathazeki ngokuthi niyakukhuluma kanjani nokuthi niyakuthini, ngokuba niyakuphiwa ngaso leso sikhathi eniyakukukhuluma.
20Ngokuba akuyinina enikhulumayo kodwa uMoya kaYihlo okhuluma kini.
21Umfowabo uyakukhaphela umfowabo ekufeni, noyise umntwana, nabantwana bavukele abazali babo, bababulale.
22niyakuzondwa ngabantu bonke ngenxa yegama lami, kepha okhuthazelayo kuze kube sekupheleni nguyena oyakusindiswa.
23Kepha nxa benizingela kulo muzi, balekelani komunye, ngokuba ngiqinisile ngithi kini: Aniyikuqeda imizi yakwa-Israyeli, ingakafiki iNdodana yomuntu.
24Umfundi kaphezu komfundisi wakhe, nenceku ayingaphezu kwenkosi yayo.
25Kumanele umfundi ukuthi abe njengomfundisi wakhe, nenceku ibe njengenkosi yayo. Uma bebizile umninindlu ngokuthi uBelzebule, kakhulu kangakanani abendlu yakhe?
26Ngakho-ke ningabesabi, ngokuba akukho okumboziwe okungayikwambulwa; lokufihliweyo, okungasoze kwaziwa.
27Enginitshela khona ebumnyameni, kukhulumeni ekukhanyeni, nalokho enikuzwa endlebeni, kushumayeleni phezu kwezindlu.
28Ningabesabi ababulala umzimba, bengenamandla okubulala umphefumulo, kepha kakhulu mesabeni onamandla okubhubhisa nomphefumulo nomzimba esihogweni.
29Akuthengwa yini imizwilili emibili ngendibilishi na? futhi ayisoze yawela phansi enye yazo ngaphandle kukaYihlo.
30Kodwa nezinwele zekhanda lenu zibaliwe zonke.
31Ngakho-ke ningesabi; nina nidlula imizwilili eminingi.
32Ngakho-ke lowo oyakungivuma phambi kwabantu, nami ngiyakumvuma phambi kukaBaba osezulwini.
33Kepha lowo oyakungiphika phambi kwabantu, nami ngiyakumphika phambi kukaBaba osezulwini.
34Ningacabangi ukuthi ngize ukuletha ukuthula emhlabeni; angizanga ukuletha ukuthula, kodwa inkemba.
35Ngoba ngize ukuphambanisa umuntu loyise, lendodakazi lonina, lomalokazana loninazala.
36Nezitha zomuntu kuyakuba ngabendlu yakhe.
37Othanda uyise noma unina kunami kangifanele; nothanda indodana noma indodakazi kunami kangifanele.
38Nongasithathi isiphambano sakhe, angilandele, kangifanele.
39Othola ukuphila kwakhe uyakulahlekelwa yikho, nolahlekelwa ngukuphila kwakhe ngenxa yami uyakukufumana.
40Onamukela nina uyangamukela mina, nowamukela mina wemukela ongithumileyo.
41Owamukela umprofethi egameni lomprofethi uyakwamukela umvuzo womprofethi; nowamukela olungileyo ngokuba olungileyo uyakwamukela umvuzo wolungileyo.
42Nalowo ophuzisa omunye walaba abancinyane inkezo yodwa yamanzi abandayo egameni lomfundi, ngiqinisile ngithi kini: Kasoze alahlekelwa ngumvuzo wakhe.

Okuqokiwe okwamanje:

Mathewu 10: ZuluNT

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo