Mathewu 10:1-23

Mathewu 10:1-23 ZULUNT

Wabizela kuye abafundi bakhe abayishumi nambili, wabanika amandla phezu kwawomoya abangcolileyo, ukuba babakhiphe, nawokuphulukisa izifo zonke nezifo zonke. Amagama abaphostoli abayishumi nambili yilawa; owokuqala nguSimoni othiwa uPetro, loAndreya umfowabo; uJakobe kaZebedewu, noJohane umfowabo; uFiliphu, loBartolomewu; uTomase, noMathewu umthelisi; uJakobe ka-Alfewu, noLebewu othiwa futhi uThadewu; uSimoni umKhanani, noJudasi Iskariyothe owamkhaphelayo. Laba abayishumi nambili uJesu wabathuma, wabayala wathi: “Ningayi endleleni yabezizwe, ningangeni emzini wamaSamariya; Kodwa yanini kakhulu ezimvini ezilahlekileyo zendlu kaIsrayeli. Ekuhambeni kwenu shumayelani nithi: ‘Umbuso wezulu ususondele.’ Phulisani abagulayo, nihlambulule abanochoko, nivuse abafileyo, nikhiphe amademoni; Ningaphathi golide, nasiliva, nathusi emixhakeni yenu; nasikhwama sohambo, namabhantshi amabili, nazicathulo, naludondolo, ngokuba isisebenzi sifanele ukudla kwaso. “Nakumuphi umuzi noma umuzana eniyakungena kuwo, funani ofaneleyo kuwo; nihlale khona nize nimuke. Nxa ningena endlini, niyibingelele. Uma indlu ifanele, ukuthula kwenu makube phezu kwayo; kepha uma ingafanele, ukuthula kwenu makubuyele kini. Njalo loba ngubani ongayikunamukela engalaleli amazwi enu, nxa liphuma kuleyondlu kumbe kulowomuzi, thintithani uthuli lwenyawo zenu. Ngiqinisile ngithi kini: Kuyakuba ngcono kulo izwe laseSodoma nelaseGomora ngosuku lokwahlulelwa kunakulowo muzi. Bhekani, ngiyanithuma ninjengezimvu phakathi kwezimpisi; ngakho hlakaniphani njengezinyoka, nibe msulwa njengamajuba. Kepha xwayani abantu, ngokuba bayakunikhaphela emiphakathini, banishaye emasinagogeni abo; Niyakuyiswa phambi kwababusi namakhosi ngenxa yami, kube ngubufakazi kubo nakwabezizwe. Kepha nxa benikhaphela, ningakhathazeki ngokuthi niyakukhuluma kanjani nokuthi niyakuthini, ngokuba niyakuphiwa ngaso leso sikhathi eniyakukukhuluma. Ngokuba akuyinina enikhulumayo kodwa uMoya kaYihlo okhuluma kini. Umfowabo uyakukhaphela umfowabo ekufeni, noyise umntwana, nabantwana bavukele abazali babo, bababulale. niyakuzondwa ngabantu bonke ngenxa yegama lami, kepha okhuthazelayo kuze kube sekupheleni nguyena oyakusindiswa. Kepha nxa benizingela kulo muzi, balekelani komunye, ngokuba ngiqinisile ngithi kini: Aniyikuqeda imizi yakwa-Israyeli, ingakafiki iNdodana yomuntu.

Ividiyo ye- Mathewu 10:1-23