NgokukaLuka 11:1-28

NgokukaLuka 11:1-28 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)

Kwathi ekhuleka endaweni ethile, esegcinile, omunye wabafundi bakhe wathi kuye: “Nkosi, sifundise ukukhuleka, njengokuba uJohane naye wabafundisa abafundi bakhe.” Wayesethi kubo: “Nxa nikhuleka, anothi: “ ‘Baba wethu osezulwini, malingcweliswe igama lakho; mawufike umbuso wakho; mayenziwe intando yakho emhlabeni njengasezulwini; usiphe isinkwa sethu sezinsuku zonke imihla ngemihla; usithethelele izono zethu, ngokuba nathi sibathethelela bonke abanecala kithi; ungasingenisi ekulingweni, kodwa usikhulule kokubi.’ ” Wathi kubo: “Ngumuphi kini oyakuba nomhlobo, aye kuye phakathi kobusuku, athi kuye: ‘Mhlobo, ngitsheleke izinkwa zibe zintathu, ngokuba kufike kimi umhlobo wami evela ekuhambeni, kepha anginanto engingayibeka phambi kwakhe;’ yena-ke ophakathi aphendule athi: ‘Ungangihluphi; sekuvaliwe emnyango, nabantwana bami balele kanye nami; anginakuvuka, ngikunike,’ na? Ngithi kini: Noma engazukuvuka amnike ngokuba engumhlobo wakhe, nokho ngenxa yokukhongisisa kwakhe uyakuvuka amnike konke akudingayo. “Ngithi kini: Celani, niyakuphiwa; funani, niyakufumana; ngqongqothani, niyakuvulelwa. Ngokuba yilowo nalowo ocelayo uyamukeliswa, nofunayo uyafumana, nongqongqothayo uyakuvulelwa. “Ngumuphi kini onguyise, oyakuthi nxa indodana icela inhlanzi, ayinike inyoka esikhundleni senhlanzi; uma icela iqanda, ayinike ufezela, na? Ngakho-ke uma nina eningababi nikwazi ukubapha abantwana benu izipho ezinhle, kakhulu kangakanani uYihlo osezulwini uzakubapha abacela kuye uMoya oNgcwele.” Wakhipha idemoni, laliyisimungulu; kwathi seliphumile idemoni, wakhuluma oyisimungulu; abantu bamangala. Kepha abanye kubo bathi: “Ukhipha amademoni ngoBelzebule umbusi wamademoni.” Abanye bemlinga bafuna kuye isibonakaliso esivela ezulwini. Kepha yena eyazi imicabango yabo wathi kubo: “Yilowo nalowo mbuso owahlukene wodwa uyachitheka, indlu idilike phezu kwendlu. NoSathane, uma ehlukene yedwa, umbuso wakhe uyakuma kanjani na? lokhu nithi ngikhipha amademoni ngoBelzebule. Uma mina ngikhipha amademoni ngoBelzebule, amadodana enu awakhipha ngobani na? Ngalokho-ke wona ayakuba ngabahluleli benu. Kepha uma ngikhipha amademoni ngomunwe kaNkulunkulu, umbuso kaNkulunkulu usufikile phela kini. “Uma isiqhwaga sihlomile, silinda umuzi waso, impahla yaso ihlezi ngokuthula. Kepha nxa onamandla kunaso esisukela, asinqobe, uyasaphuca izikhali zaso zonke ebesizethembile, ayabe impango yaso. “Ongenami umelene nami; ongabuthi nami uyahlakaza. “Nxa umoya ongcolileyo ephumile kumuntu, uyadabula izindawo ezomileyo efuna ukuphumula; engakufumani uthi: ‘Ngizakubuyela endlini yami engaphuma kuyo.’ Uyafika-ke, ayifumane ishaneliwe, ihlotshisiwe. Khona abesehamba, azithathele abanye omoya abayisikhombisa ababi kunaye, bangene bahlale lapho, ukugcina kwalowo muntu kube kubi kunokwakuqala.” Kwathi esakhuluma lokhu, owesifazane othile esixukwini waphakamisa izwi, wathi kuye: “Sibusisiwe isisu esakuthwalayo namabele owawancelayo.” Kepha yena wathi: “Yebo, kodwa kakhulu babusisiwe abalizwa izwi likaNkulunkulu, balilondoloze.”

NgokukaLuka 11:1-28 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)

Kwasekusithi ekhuleka endaweni ethile, eseqedile, omunye wabafundi bakhe wathi kuye: Nkosi, sifundise ukukhuleka, njengoba uJohane laye wafundisa abafundi bakhe. Wathi kubo: “Nxa nikhuleka, anothi: ‘Baba wethu osezulwini, malingcweliswe igama lakho. Umbuso wakho mawuze. mayenziwe intando yakho emhlabeni njengasezulwini. Usiphe isinkwa sethu semihla ngemihla; Usithethelele izono zethu; ngoba lathi sibathethelela bonke abalecala kithi. Ungasingenisi ekulingweni; kodwa usikhulule kokubi. Wathi kubo: “Ngumuphi kini ongathi enomngane, aye kuye phakathi kobusuku, athi kuye: ‘Mngane, ngiboleke izinkwa ezintathu; Ngokuba kufike kimi umngane wami ohambweni, kepha ngingenalutho engingambeka phambi kwakhe na? Ophakathi aphendule athi: Ungangihluphi; anginakuvuka ngikunike. Ngithi kini: Noma engazukuvuka amnike, ngokuba engumngane wakhe, nokho ngenxa yokuphikelela kwakhe uyakuvuka amnike konke akudingayo. Lami ngithi kini: Celani, lizaphiwa; funani, niyakufumana; ngqongqothani, lizavulelwa. Ngokuba yilowo nalowo ocelayo uyaphiwa; nalowo ofunayo uyathola; lalowo oqoqodayo uzavulelwa. Uma indodana icela isinkwa kunoma ubani kini onguyise, ayinike itshe na? noma icela inhlanzi, ayinike inyoka esikhundleni senhlanzi na? Noma uma icela iqanda, ayinike ufezela na? Ngakho-ke uma nina enibabi nikwazi ukubapha abantwana benu izipho ezinhle, kakhulu kangakanani uYihlo osezulwini uzakubapha abacela kuye uMoya oNgcwele na? Wayekhipha idemoni, elaliyisimungulu. Kwasekusithi seliphumile idimoni, isimungulu sakhuluma; bamangala abantu. Kepha abanye kubo bathi: “Ukhipha amademoni ngoBelzebule inkosi yamademoni. Abanye bemlinga, bafuna kuye isibonakaliso esivela ezulwini. Kodwa yena eyazi imicabango yabo wathi kubo: Wonke umbuso owehlukene phakathi uyachitheka; nendlu ehlukene nendlu iyawa. Uma noSathane ehlukene yedwa, umbuso wakhe uyakuma kanjani na? ngokuba nithi ngikhipha amademoni ngoBelzebule. Uma mina ngikhipha amademoni ngoBelzebule, amadodana enu awakhipha ngobani na? ngalokho bayakuba ngabahluleli benu. Kepha uma ngikhipha amademoni ngomunwe kaNkulunkulu, umbuso kaNkulunkulu usufikile kini. Nxa isiqhwaga sihlomile silinda isigodlo saso, impahla yaso ihlezi ngokuthula; Kepha nxa onamandla kunaso esisukela, asinqobe, uyasephuca izikhali zaso zonke ebesizithembile, ayabe impango yaso. Ongenami umelene nami, nongabuthi kanye nami uyahlakaza. Nxa umoya ongcolileyo esephumile kumuntu, uyadabula izindawo ezomileyo efuna ukuphumula; engakutholi uthi: Ngizabuyela endlini yami engaphuma kuyo. Esefikile ayifice ishaneliwe, ihlotshisiwe. Khona uyahamba uzithathele abanye omoya abayisikhombisa ababi kakhulu kunawo; bangene bahlale khona; isimo sokugcina salowo muntu sibe sibi kunesokuqala. Kwasekusithi ekhuluma lezizinto, owesifazana othile esixukwini waphakamisa ilizwi, wathi kuye: Sibusisiwe isibeletho esakuthwalayo, lamabele owawancelayo. Kodwa yena wathi: Yebo kodwa kakhulu babusisiwe abalizwayo ilizwi likaNkulunkulu, baligcine.

NgokukaLuka 11:1-28 IsiZulu 2020 (ZUL20)

Ngelinye ilanga uJesu eseqedile ukukhuleka endaweni ethile, omunye wabafundi bakhe weza kuye, wathi: “Nkosi, sifundise ukukhuleka, njengokuba noJohane wabafundisa abafundi bakhe.” Wayesethi kubo: “Uma nikhuleka, anothi: “ ‘Baba, malingcweliswe igama lakho; mawufike umbuso wakho; siphe namuhla isinkwa sethu semihla ngemihla; sithethelele izono zethu, njengokuba nathi sibathethelela bonke abanecala kithi; ungasingenisi ekulingweni.’ ” Wayesethi kubo: “Ngubani kini othi enomngani, aye kuye phakathi kobusuku, athi kuye: ‘Mngani, ake ungenanele izinkwa ezintathu, ngokuba ngifikelwe ngumhlobo wami osohambeni, kepha anginalutho engingamupha khona adle;’ bese umngani esendlini aphendule athi: ‘Ungangihluphi; sekuvaliwe emnyango, sesilele, mina kanye nabantwana bami; anginakuvuka, ukuba ngikunike utho.’ Ngithi kini: noma engezukuvuka amnike utho ngokuba engumngani wakhe, kodwa ngenxa yokubelesela kwakhe uyakumnikeza konke akudingayo. “Ngakho-ke ngithi kini: celani, niyakuphiwa; funani, niyakufumana; ngqongqothani, niyakuvulelwa. Ngokuba yilowo nalowo ocelayo uyamukeliswa, nofunayo uyafumana, nongqongqothayo uyakuvulelwa. “Ngubani kini nina bobaba, okungathi uma indodana icela inhlanzi, ayinike inyoka esikhundleni senhlanzi; kuthi uma icela iqanda, ayinike ufezela na? Ngakho-ke uma nina eningababi, nikwazi ukubapha abantwana benu izipho ezinhle, kakhulu kangakanani-ke uYihlo osezulwini uzakubapha abacelayo kuye uMoya oNgcwele.” UJesu wakhipha idimoni elaliyisimungulu; kuthe seliphumile, wakhuluma obeyisimungulu, isixuku samangala. Kepha abanye babo bathi: “Ukhipha amadimoni ngoBhelzebhule, umbusi wamadimoni.” Abanye bamlinga, bafuna ukuba enze isibonakaliso esivela ezulwini. Kepha Yena eyazi imicabango yabo, wathi kubo: “Yilowo nalowo mbuso owehlukene wodwa, uyakuchithwa; nendlu ehlukene yodwa, iyakuwa. Kanjalo uma uSathane ehlukene yedwa, umbuso wakhe uyakuma kanjani na? Ngokuba nithi ngikhipha amadimoni ngoBhelzebhule. Uma Mina ngikhipha amadimoni ngoBhelzebhule, pho amadodana enu awakhipha ngobani na? Ngakho-ke amadodana enu ayakuba ngabehluleli benu. Kepha uma ngikhipha amadimoni ngomunwe kaNkulunkulu, kusho ukuthi umbuso kaNkulunkulu usufikile kini. “Uma isiqhwaga sihlome saphelela, silinda umuzi waso, impahla yaso ihlala iphephile. Kepha uma onamandla kunaso esihlasela, asinqobe, uyasiqhwaga izikhali zaso ebesigabe ngazo, bese eyaba impango yaso. “Ongahambisani nami, umelene nami; ongabuthi nami, uyahlakaza. “Lapho umoya ongcolileyo uphuma kumuntu, uyahamba udabule ezindaweni ezigagadekile, ufuna indawo yokuphumula; uma ungayifumani, bese uthi: ‘Ngizakubuyela endlini yami engaphuma kuyo.’ Uma ufika, uyifice ishaneliwe, futhi ilungiswe kahle; uyahamba ulande abanye omoya abayisikhombisa, ababi kunawo, bangene bahlale lapho, kuthi isiphetho sibe sibi ngokwedlulele kunesiqalo.” Kuthe esakhuluma ngalokho, owesifazane othile esixukwini wamemeza, wathi kuye: “Sibusisiwe isisu esakuthwalayo namabele owawancelayo.” Kepha uJesu wathi: “Yebo kunjalo, kodwa kakhulu babusisiwe abalizwa izwi likaNkulunkulu, balilondoloze.”

NgokukaLuka 11:1-28 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)

Kwathi ekhuleka endaweni ethile, esegcinile, omunye wabafundi bakhe wathi kuye: “Nkosi, sifundise ukukhuleka, njengokuba uJohane naye wabafundisa abafundi bakhe.” Wayesethi kubo: “Nxa nikhuleka, anothi: “ ‘Baba wethu osezulwini, malingcweliswe igama lakho; mawufike umbuso wakho; mayenziwe intando yakho emhlabeni njengasezulwini; usiphe isinkwa sethu sezinsuku zonke imihla ngemihla; usithethelele izono zethu, ngokuba nathi sibathethelela bonke abanecala kithi; ungasingenisi ekulingweni, kodwa usikhulule kokubi.’ ” Wathi kubo: “Ngumuphi kini oyakuba nomhlobo, aye kuye phakathi kobusuku, athi kuye: ‘Mhlobo, ngitsheleke izinkwa zibe zintathu, ngokuba kufike kimi umhlobo wami evela ekuhambeni, kepha anginanto engingayibeka phambi kwakhe;’ yena-ke ophakathi aphendule athi: ‘Ungangihluphi; sekuvaliwe emnyango, nabantwana bami balele kanye nami; anginakuvuka, ngikunike,’ na? Ngithi kini: Noma engazukuvuka amnike ngokuba engumhlobo wakhe, nokho ngenxa yokukhongisisa kwakhe uyakuvuka amnike konke akudingayo. “Ngithi kini: Celani, niyakuphiwa; funani, niyakufumana; ngqongqothani, niyakuvulelwa. Ngokuba yilowo nalowo ocelayo uyamukeliswa, nofunayo uyafumana, nongqongqothayo uyakuvulelwa. “Ngumuphi kini onguyise, oyakuthi nxa indodana icela inhlanzi, ayinike inyoka esikhundleni senhlanzi; uma icela iqanda, ayinike ufezela, na? Ngakho-ke uma nina eningababi nikwazi ukubapha abantwana benu izipho ezinhle, kakhulu kangakanani uYihlo osezulwini uzakubapha abacela kuye uMoya oNgcwele.” Wakhipha idemoni, laliyisimungulu; kwathi seliphumile idemoni, wakhuluma oyisimungulu; abantu bamangala. Kepha abanye kubo bathi: “Ukhipha amademoni ngoBelzebule umbusi wamademoni.” Abanye bemlinga bafuna kuye isibonakaliso esivela ezulwini. Kepha yena eyazi imicabango yabo wathi kubo: “Yilowo nalowo mbuso owahlukene wodwa uyachitheka, indlu idilike phezu kwendlu. NoSathane, uma ehlukene yedwa, umbuso wakhe uyakuma kanjani na? lokhu nithi ngikhipha amademoni ngoBelzebule. Uma mina ngikhipha amademoni ngoBelzebule, amadodana enu awakhipha ngobani na? Ngalokho-ke wona ayakuba ngabahluleli benu. Kepha uma ngikhipha amademoni ngomunwe kaNkulunkulu, umbuso kaNkulunkulu usufikile phela kini. “Uma isiqhwaga sihlomile, silinda umuzi waso, impahla yaso ihlezi ngokuthula. Kepha nxa onamandla kunaso esisukela, asinqobe, uyasaphuca izikhali zaso zonke ebesizethembile, ayabe impango yaso. “Ongenami umelene nami; ongabuthi nami uyahlakaza. “Nxa umoya ongcolileyo ephumile kumuntu, uyadabula izindawo ezomileyo efuna ukuphumula; engakufumani uthi: ‘Ngizakubuyela endlini yami engaphuma kuyo.’ Uyafika-ke, ayifumane ishaneliwe, ihlotshisiwe. Khona abesehamba, azithathele abanye omoya abayisikhombisa ababi kunaye, bangene bahlale lapho, ukugcina kwalowo muntu kube kubi kunokwakuqala.” Kwathi esakhuluma lokhu, owesifazane othile esixukwini waphakamisa izwi, wathi kuye: “Sibusisiwe isisu esakuthwalayo namabele owawancelayo.” Kepha yena wathi: “Yebo, kodwa kakhulu babusisiwe abalizwa izwi likaNkulunkulu, balilondoloze.”

NgokukaLuka 11:1-28 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)

Kwasekusithi ekhuleka endaweni ethile, eseqedile, omunye wabafundi bakhe wathi kuye: Nkosi, sifundise ukukhuleka, njengoba uJohane laye wafundisa abafundi bakhe. Wathi kubo: “Nxa nikhuleka, anothi: ‘Baba wethu osezulwini, malingcweliswe igama lakho. Umbuso wakho mawuze. Mayenziwe intando yakho emhlabeni njengasezulwini. Usiphe isinkwa sethu semihla ngemihla; Usithethelele izono zethu; ngoba lathi sibathethelela bonke abalecala kithi. Ungasingenisi ekulingweni; kodwa usikhulule kokubi. Wathi kubo: “Ngumuphi kini ongathi enomngane, aye kuye phakathi kobusuku, athi kuye: ‘Mngane, ngiboleke izinkwa ezintathu; Ngokuba kufike kimi umngane wami ohambweni, kepha ngingenalutho engingambeka phambi kwakhe na? Ophakathi aphendule athi: Ungangihluphi; anginakuvuka ngikunike. Ngithi kini: Noma engazukuvuka amnike, ngokuba engumngane wakhe, nokho ngenxa yokuphikelela kwakhe uyakuvuka amnike konke akudingayo. Lami ngithi kini: Celani, lizaphiwa; funani, niyakufumana; ngqongqothani, lizavulelwa. Ngokuba yilowo nalowo ocelayo uyaphiwa; nalowo ofunayo uyathola; lalowo oqoqodayo uzavulelwa. Uma indodana icela isinkwa kunoma ubani kini onguyise, ayinike itshe na? noma icela inhlanzi, ayinike inyoka esikhundleni senhlanzi na? Noma uma icela iqanda, ayinike ufezela na? Ngakho-ke uma nina enibabi nikwazi ukubapha abantwana benu izipho ezinhle, kakhulu kangakanani uYihlo osezulwini uzakubapha abacela kuye uMoya oNgcwele na? Wayekhipha idemoni, elaliyisimungulu. Kwasekusithi seliphumile idimoni, isimungulu sakhuluma; bamangala abantu. Kepha abanye kubo bathi: “Ukhipha amademoni ngoBelzebule inkosi yamademoni. Abanye bemlinga, bafuna kuye isibonakaliso esivela ezulwini. Kodwa yena eyazi imicabango yabo wathi kubo: Wonke umbuso owehlukene phakathi uyachitheka; nendlu ehlukene nendlu iyawa. Uma noSathane ehlukene yedwa, umbuso wakhe uyakuma kanjani na? ngokuba nithi ngikhipha amademoni ngoBelzebule. Uma mina ngikhipha amademoni ngoBelzebule, amadodana enu awakhipha ngobani na? ngalokho bayakuba ngabahluleli benu. Kepha uma ngikhipha amademoni ngomunwe kaNkulunkulu, umbuso kaNkulunkulu usufikile kini. Nxa isiqhwaga sihlomile silinda isigodlo saso, impahla yaso ihlezi ngokuthula; Kepha nxa onamandla kunaso esisukela, asinqobe, uyasephuca izikhali zaso zonke ebesizithembile, ayabe impango yaso. Ongenami umelene nami, nongabuthi kanye nami uyahlakaza. Nxa umoya ongcolileyo esephumile kumuntu, uyadabula izindawo ezomileyo efuna ukuphumula; engakutholi uthi: Ngizabuyela endlini yami engaphuma kuyo. Esefikile ayifice ishaneliwe, ihlotshisiwe. Khona uyahamba uzithathele abanye omoya abayisikhombisa ababi kakhulu kunawo; bangene bahlale khona; isimo sokugcina salowo muntu sibe sibi kunesokuqala. Kwasekusithi ekhuluma lezizinto, owesifazana othile esixukwini waphakamisa ilizwi, wathi kuye: Sibusisiwe isibeletho esakuthwalayo, lamabele owawancelayo. Kodwa yena wathi: Yebo kodwa kakhulu babusisiwe abalizwayo ilizwi likaNkulunkulu, baligcine.