Luka 11

11
Luka 11
1Kwasekusithi ekhuleka endaweni ethile, eseqedile, omunye wabafundi bakhe wathi kuye: Nkosi, sifundise ukukhuleka, njengoba uJohane laye wafundisa abafundi bakhe.
2Wathi kubo: “Nxa nikhuleka, anothi: ‘Baba wethu osezulwini, malingcweliswe igama lakho. Umbuso wakho mawuze. mayenziwe intando yakho emhlabeni njengasezulwini.
3Usiphe isinkwa sethu semihla ngemihla;
4Usithethelele izono zethu; ngoba lathi sibathethelela bonke abalecala kithi. Ungasingenisi ekulingweni; kodwa usikhulule kokubi.
5Wathi kubo: “Ngumuphi kini ongathi enomngane, aye kuye phakathi kobusuku, athi kuye: ‘Mngane, ngiboleke izinkwa ezintathu;
6Ngokuba kufike kimi umngane wami ohambweni, kepha ngingenalutho engingambeka phambi kwakhe na?
7Ophakathi aphendule athi: Ungangihluphi; anginakuvuka ngikunike.
8Ngithi kini: Noma engazukuvuka amnike, ngokuba engumngane wakhe, nokho ngenxa yokuphikelela kwakhe uyakuvuka amnike konke akudingayo.
9Lami ngithi kini: Celani, lizaphiwa; funani, niyakufumana; ngqongqothani, lizavulelwa.
10Ngokuba yilowo nalowo ocelayo uyaphiwa; nalowo ofunayo uyathola; lalowo oqoqodayo uzavulelwa.
11Uma indodana icela isinkwa kunoma ubani kini onguyise, ayinike itshe na? noma icela inhlanzi, ayinike inyoka esikhundleni senhlanzi na?
12Noma uma icela iqanda, ayinike ufezela na?
13Ngakho-ke uma nina enibabi nikwazi ukubapha abantwana benu izipho ezinhle, kakhulu kangakanani uYihlo osezulwini uzakubapha abacela kuye uMoya oNgcwele na?
14Wayekhipha idemoni, elaliyisimungulu. Kwasekusithi seliphumile idimoni, isimungulu sakhuluma; bamangala abantu.
15Kepha abanye kubo bathi: “Ukhipha amademoni ngoBelzebule inkosi yamademoni.
16Abanye bemlinga, bafuna kuye isibonakaliso esivela ezulwini.
17Kodwa yena eyazi imicabango yabo wathi kubo: Wonke umbuso owehlukene phakathi uyachitheka; nendlu ehlukene nendlu iyawa.
18Uma noSathane ehlukene yedwa, umbuso wakhe uyakuma kanjani na? ngokuba nithi ngikhipha amademoni ngoBelzebule.
19Uma mina ngikhipha amademoni ngoBelzebule, amadodana enu awakhipha ngobani na? ngalokho bayakuba ngabahluleli benu.
20Kepha uma ngikhipha amademoni ngomunwe kaNkulunkulu, umbuso kaNkulunkulu usufikile kini.
21Nxa isiqhwaga sihlomile silinda isigodlo saso, impahla yaso ihlezi ngokuthula;
22Kepha nxa onamandla kunaso esisukela, asinqobe, uyasephuca izikhali zaso zonke ebesizithembile, ayabe impango yaso.
23Ongenami umelene nami, nongabuthi kanye nami uyahlakaza.
24Nxa umoya ongcolileyo esephumile kumuntu, uyadabula izindawo ezomileyo efuna ukuphumula; engakutholi uthi: Ngizabuyela endlini yami engaphuma kuyo.
25Esefikile ayifice ishaneliwe, ihlotshisiwe.
26Khona uyahamba uzithathele abanye omoya abayisikhombisa ababi kakhulu kunawo; bangene bahlale khona; isimo sokugcina salowo muntu sibe sibi kunesokuqala.
27Kwasekusithi ekhuluma lezizinto, owesifazana othile esixukwini waphakamisa ilizwi, wathi kuye: Sibusisiwe isibeletho esakuthwalayo, lamabele owawancelayo.
28Kodwa yena wathi: Yebo kodwa kakhulu babusisiwe abalizwayo ilizwi likaNkulunkulu, baligcine.
29Kwathi sesibuthene izixuku, waqala ukuthi: “Lesi sizukulwane esibi, sifuna isibonakaliso; futhi kasiyikunikwa sibonakaliso, ngaphandle kwesibonakaliso sikaJona umprofethi.
30Ngokuba njengalokho uJona waba yisibonakaliso kwabaseNineve, iyakuba njalo iNdodana yomuntu kulesi sizukulwane.
31Indlovukazi yaseningizimu iyakusukuma ekwahlulelweni kanye nabantu balesi sizukulwane, ibalahle; ngokuba yavela emikhawulweni yomhlaba izokuzwa ukuhlakanipha kukaSolomoni; futhi bhekani, lapha kukhona omkhulu kunoSolomoni.
32Amadoda aseNineve ayakusukuma ekwahlulelweni kanye nalesi sizukulwane, asilahle; ngokuba aphenduka ngokushumayela kukaJona; bhekani, lapha kukhona omkhulu kunoJona.
33Akakho othi esokhela isibani, asibeke endaweni ekusithekileyo, noma ngaphansi kwesitsha, kodwa usibeka othini lwesibani, ukuze abangenayo babone ukukhanya.
34Ukukhanya komzimba yisehlo; ngakho-ke nxa iso lakho lilihle, nomzimba wakho wonke uyakukhanya; kepha nxa iso lakho lilibi, nomzimba wakho ubumnyama.
35Ngakho qaphela ukuba ukukhanya okukuwe kungabi ngubumnyama.
36Ngakho uma umzimba wakho wonke ugcwele ukukhanya, ungenandawo emnyama, uyakuba nokukhanya wonke, njengalapho ukukhanya kwesibani sikukhanyisela.
37Esakhuluma, umFarisi othile wamncenga ukuba adle naye;
38Kwathi ekubona lokho umFarisi wamangala ngokuthi kazange aqale ageze engakadli.
39INkosi yathi kuye: “Manje nina baFarisi nihlambulula ingaphandle lenkezo nojeke; kepha ingaphakathi lakho ligcwele ukuphanga nobubi.
40Ziwula, yena owenza okungaphandle akakwenzanga nengaphakathi na?
41Kepha yiphani abampofu lokho eninakho; futhi bhekani, zonke izinto zihlanzekile kini.
42Kodwa maye kini baFarisi! Ngokuba ninikela okweshumi kweminti neruwe nemifino yonke, ningakunaki ukwahlulela nothando lukaNkulunkulu;
43Maye kinina baFarisi! ngoba lithanda izihlalo eziphambili emasinagogeni, lokubingelelwa emidangeni.
44Maye kinina babhali nabaFarisi, bazenzisi! ngokuba ninjengamathuna angabonakali, nabantu abahamba phezu kwawo bengawazi.
45Esinye sezazimthetho saphendula, sathi kuye: “Mfundisi, usho njalo uyasihlambalaza nathi.
46Wathi: “Maye kinina zazimthetho! Ngokuba nithwesa abantu imithwalo enzima, kepha nina ngokwenu aniyithinti imithwalo nangomunye weminwe yenu.
47Maye kini! ngokuba nakha amathuna abaprofethi, kepha oyihlo bababulala.
48Impela niyafakaza ukuthi niyavumelana nezenzo zaboyihlo, ngokuba bona bababulala, nina nakha amathuna abo.
49Ngakho futhi ukuhlakanipha kukaNkulunkulu yathi: Ngizabathumelela abaprofethi labaphostoli, labanye kubo bazakubabulala, babazingele;
50ukuze igazi labaprofethi bonke elachithwa kusukela ekusekelweni komhlaba libizwe kulesisizukulwana;
51Kusukela egazini lika-Abela kuze kufike egazini likaZakariya owafela phakathi kwe-altare nethempeli. Ngiqinisile ngithi kini: Liyakubizwa kulesi sizukulwane.
52Maye kinina zazimthetho! ngokuba nithathe isihluthulelo sokwazi; aningenanga nina, nabangenayo nabavimbela.
53Esakhuluma lokho kubo, ababhali nabaFarisi baqala ukumncenga kakhulu nokumcunula ukuba akhulume izinto eziningi.
54bemqamekela, befuna ukubamba utho oluphuma emlonyeni wakhe, ukuze bambeke icala.

Okuqokiwe okwamanje:

Luka 11: ZuluNT

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo