NgokukaLuka 11:1-28

NgokukaLuka 11:1-28 ZUL20

Ngelinye ilanga uJesu eseqedile ukukhuleka endaweni ethile, omunye wabafundi bakhe weza kuye, wathi: “Nkosi, sifundise ukukhuleka, njengokuba noJohane wabafundisa abafundi bakhe.” Wayesethi kubo: “Uma nikhuleka, anothi: “ ‘Baba, malingcweliswe igama lakho; mawufike umbuso wakho; siphe namuhla isinkwa sethu semihla ngemihla; sithethelele izono zethu, njengokuba nathi sibathethelela bonke abanecala kithi; ungasingenisi ekulingweni.’ ” Wayesethi kubo: “Ngubani kini othi enomngani, aye kuye phakathi kobusuku, athi kuye: ‘Mngani, ake ungenanele izinkwa ezintathu, ngokuba ngifikelwe ngumhlobo wami osohambeni, kepha anginalutho engingamupha khona adle;’ bese umngani esendlini aphendule athi: ‘Ungangihluphi; sekuvaliwe emnyango, sesilele, mina kanye nabantwana bami; anginakuvuka, ukuba ngikunike utho.’ Ngithi kini: noma engezukuvuka amnike utho ngokuba engumngani wakhe, kodwa ngenxa yokubelesela kwakhe uyakumnikeza konke akudingayo. “Ngakho-ke ngithi kini: celani, niyakuphiwa; funani, niyakufumana; ngqongqothani, niyakuvulelwa. Ngokuba yilowo nalowo ocelayo uyamukeliswa, nofunayo uyafumana, nongqongqothayo uyakuvulelwa. “Ngubani kini nina bobaba, okungathi uma indodana icela inhlanzi, ayinike inyoka esikhundleni senhlanzi; kuthi uma icela iqanda, ayinike ufezela na? Ngakho-ke uma nina eningababi, nikwazi ukubapha abantwana benu izipho ezinhle, kakhulu kangakanani-ke uYihlo osezulwini uzakubapha abacelayo kuye uMoya oNgcwele.” UJesu wakhipha idimoni elaliyisimungulu; kuthe seliphumile, wakhuluma obeyisimungulu, isixuku samangala. Kepha abanye babo bathi: “Ukhipha amadimoni ngoBhelzebhule, umbusi wamadimoni.” Abanye bamlinga, bafuna ukuba enze isibonakaliso esivela ezulwini. Kepha Yena eyazi imicabango yabo, wathi kubo: “Yilowo nalowo mbuso owehlukene wodwa, uyakuchithwa; nendlu ehlukene yodwa, iyakuwa. Kanjalo uma uSathane ehlukene yedwa, umbuso wakhe uyakuma kanjani na? Ngokuba nithi ngikhipha amadimoni ngoBhelzebhule. Uma Mina ngikhipha amadimoni ngoBhelzebhule, pho amadodana enu awakhipha ngobani na? Ngakho-ke amadodana enu ayakuba ngabehluleli benu. Kepha uma ngikhipha amadimoni ngomunwe kaNkulunkulu, kusho ukuthi umbuso kaNkulunkulu usufikile kini. “Uma isiqhwaga sihlome saphelela, silinda umuzi waso, impahla yaso ihlala iphephile. Kepha uma onamandla kunaso esihlasela, asinqobe, uyasiqhwaga izikhali zaso ebesigabe ngazo, bese eyaba impango yaso. “Ongahambisani nami, umelene nami; ongabuthi nami, uyahlakaza. “Lapho umoya ongcolileyo uphuma kumuntu, uyahamba udabule ezindaweni ezigagadekile, ufuna indawo yokuphumula; uma ungayifumani, bese uthi: ‘Ngizakubuyela endlini yami engaphuma kuyo.’ Uma ufika, uyifice ishaneliwe, futhi ilungiswe kahle; uyahamba ulande abanye omoya abayisikhombisa, ababi kunawo, bangene bahlale lapho, kuthi isiphetho sibe sibi ngokwedlulele kunesiqalo.” Kuthe esakhuluma ngalokho, owesifazane othile esixukwini wamemeza, wathi kuye: “Sibusisiwe isisu esakuthwalayo namabele owawancelayo.” Kepha uJesu wathi: “Yebo kunjalo, kodwa kakhulu babusisiwe abalizwa izwi likaNkulunkulu, balilondoloze.”

Ividiyo ye- NgokukaLuka 11:1-28