Kwathi ekhuleka endaweni ethile, esegcinile, omunye wabafundi bakhe wathi kuye: “Nkosi, sifundise ukukhuleka, njengokuba uJohane naye wabafundisa abafundi bakhe.”
Wayesethi kubo: “Nxa nikhuleka, anothi:
“ ‘Baba wethu osezulwini,
malingcweliswe igama lakho;
mawufike umbuso wakho;
mayenziwe intando yakho emhlabeni njengasezulwini;
usiphe isinkwa sethu sezinsuku
zonke imihla ngemihla;
usithethelele izono zethu,
ngokuba nathi sibathethelela bonke abanecala kithi;
ungasingenisi ekulingweni,
kodwa usikhulule kokubi.’ ”
Wathi kubo: “Ngumuphi kini oyakuba nomhlobo, aye kuye phakathi kobusuku, athi kuye: ‘Mhlobo, ngitsheleke izinkwa zibe zintathu, ngokuba kufike kimi umhlobo wami evela ekuhambeni, kepha anginanto engingayibeka phambi kwakhe;’ yena-ke ophakathi aphendule athi: ‘Ungangihluphi; sekuvaliwe emnyango, nabantwana bami balele kanye nami; anginakuvuka, ngikunike,’ na? Ngithi kini: Noma engazukuvuka amnike ngokuba engumhlobo wakhe, nokho ngenxa yokukhongisisa kwakhe uyakuvuka amnike konke akudingayo.
“Ngithi kini: Celani, niyakuphiwa; funani, niyakufumana; ngqongqothani, niyakuvulelwa. Ngokuba yilowo nalowo ocelayo uyamukeliswa, nofunayo uyafumana, nongqongqothayo uyakuvulelwa.
“Ngumuphi kini onguyise, oyakuthi nxa indodana icela inhlanzi, ayinike inyoka esikhundleni senhlanzi; uma icela iqanda, ayinike ufezela, na? Ngakho-ke uma nina eningababi nikwazi ukubapha abantwana benu izipho ezinhle, kakhulu kangakanani uYihlo osezulwini uzakubapha abacela kuye uMoya oNgcwele.”
Wakhipha idemoni, laliyisimungulu; kwathi seliphumile idemoni, wakhuluma oyisimungulu; abantu bamangala. Kepha abanye kubo bathi: “Ukhipha amademoni ngoBelzebule umbusi wamademoni.” Abanye bemlinga bafuna kuye isibonakaliso esivela ezulwini.
Kepha yena eyazi imicabango yabo wathi kubo: “Yilowo nalowo mbuso owahlukene wodwa uyachitheka, indlu idilike phezu kwendlu. NoSathane, uma ehlukene yedwa, umbuso wakhe uyakuma kanjani na? lokhu nithi ngikhipha amademoni ngoBelzebule. Uma mina ngikhipha amademoni ngoBelzebule, amadodana enu awakhipha ngobani na? Ngalokho-ke wona ayakuba ngabahluleli benu. Kepha uma ngikhipha amademoni ngomunwe kaNkulunkulu, umbuso kaNkulunkulu usufikile phela kini.
“Uma isiqhwaga sihlomile, silinda umuzi waso, impahla yaso ihlezi ngokuthula. Kepha nxa onamandla kunaso esisukela, asinqobe, uyasaphuca izikhali zaso zonke ebesizethembile, ayabe impango yaso.
“Ongenami umelene nami; ongabuthi nami uyahlakaza.
“Nxa umoya ongcolileyo ephumile kumuntu, uyadabula izindawo ezomileyo efuna ukuphumula; engakufumani uthi: ‘Ngizakubuyela endlini yami engaphuma kuyo.’ Uyafika-ke, ayifumane ishaneliwe, ihlotshisiwe. Khona abesehamba, azithathele abanye omoya abayisikhombisa ababi kunaye, bangene bahlale lapho, ukugcina kwalowo muntu kube kubi kunokwakuqala.”
Kwathi esakhuluma lokhu, owesifazane othile esixukwini waphakamisa izwi, wathi kuye: “Sibusisiwe isisu esakuthwalayo namabele owawancelayo.”
Kepha yena wathi: “Yebo, kodwa kakhulu babusisiwe abalizwa izwi likaNkulunkulu, balilondoloze.”