Kwasekusithi ekhuleka endaweni ethile, eseqedile, omunye wabafundi bakhe wathi kuye: Nkosi, sifundise ukukhuleka, njengoba uJohane laye wafundisa abafundi bakhe.
Wathi kubo: “Nxa nikhuleka, anothi: ‘Baba wethu osezulwini, malingcweliswe igama lakho. Umbuso wakho mawuze. mayenziwe intando yakho emhlabeni njengasezulwini.
Usiphe isinkwa sethu semihla ngemihla;
Usithethelele izono zethu; ngoba lathi sibathethelela bonke abalecala kithi. Ungasingenisi ekulingweni; kodwa usikhulule kokubi.
Wathi kubo: “Ngumuphi kini ongathi enomngane, aye kuye phakathi kobusuku, athi kuye: ‘Mngane, ngiboleke izinkwa ezintathu;
Ngokuba kufike kimi umngane wami ohambweni, kepha ngingenalutho engingambeka phambi kwakhe na?
Ophakathi aphendule athi: Ungangihluphi; anginakuvuka ngikunike.
Ngithi kini: Noma engazukuvuka amnike, ngokuba engumngane wakhe, nokho ngenxa yokuphikelela kwakhe uyakuvuka amnike konke akudingayo.
Lami ngithi kini: Celani, lizaphiwa; funani, niyakufumana; ngqongqothani, lizavulelwa.
Ngokuba yilowo nalowo ocelayo uyaphiwa; nalowo ofunayo uyathola; lalowo oqoqodayo uzavulelwa.
Uma indodana icela isinkwa kunoma ubani kini onguyise, ayinike itshe na? noma icela inhlanzi, ayinike inyoka esikhundleni senhlanzi na?
Noma uma icela iqanda, ayinike ufezela na?
Ngakho-ke uma nina enibabi nikwazi ukubapha abantwana benu izipho ezinhle, kakhulu kangakanani uYihlo osezulwini uzakubapha abacela kuye uMoya oNgcwele na?
Wayekhipha idemoni, elaliyisimungulu. Kwasekusithi seliphumile idimoni, isimungulu sakhuluma; bamangala abantu.
Kepha abanye kubo bathi: “Ukhipha amademoni ngoBelzebule inkosi yamademoni.
Abanye bemlinga, bafuna kuye isibonakaliso esivela ezulwini.
Kodwa yena eyazi imicabango yabo wathi kubo: Wonke umbuso owehlukene phakathi uyachitheka; nendlu ehlukene nendlu iyawa.
Uma noSathane ehlukene yedwa, umbuso wakhe uyakuma kanjani na? ngokuba nithi ngikhipha amademoni ngoBelzebule.
Uma mina ngikhipha amademoni ngoBelzebule, amadodana enu awakhipha ngobani na? ngalokho bayakuba ngabahluleli benu.
Kepha uma ngikhipha amademoni ngomunwe kaNkulunkulu, umbuso kaNkulunkulu usufikile kini.
Nxa isiqhwaga sihlomile silinda isigodlo saso, impahla yaso ihlezi ngokuthula;
Kepha nxa onamandla kunaso esisukela, asinqobe, uyasephuca izikhali zaso zonke ebesizithembile, ayabe impango yaso.
Ongenami umelene nami, nongabuthi kanye nami uyahlakaza.
Nxa umoya ongcolileyo esephumile kumuntu, uyadabula izindawo ezomileyo efuna ukuphumula; engakutholi uthi: Ngizabuyela endlini yami engaphuma kuyo.
Esefikile ayifice ishaneliwe, ihlotshisiwe.
Khona uyahamba uzithathele abanye omoya abayisikhombisa ababi kakhulu kunawo; bangene bahlale khona; isimo sokugcina salowo muntu sibe sibi kunesokuqala.
Kwasekusithi ekhuluma lezizinto, owesifazana othile esixukwini waphakamisa ilizwi, wathi kuye: Sibusisiwe isibeletho esakuthwalayo, lamabele owawancelayo.
Kodwa yena wathi: Yebo kodwa kakhulu babusisiwe abalizwayo ilizwi likaNkulunkulu, baligcine.