NgokukaJohane 6:1-6
NgokukaJohane 6:1-6 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
Emva kwalokho uJesu wamuka waya phesheya kolwandle lwaseGalile olungolwaseTiberiya. Isixuku esikhulu samlandela, ngokuba sasibona izibonakaliso zakhe azenzayo kwabagulayo. UJesu wenyukela entabeni, wahlala phansi khona nabafundi bakhe. Lase liseduze iPhasika labaJuda. Khona uJesu ephakamisa amehlo akhe, wabona isixuku esikhulu siza kuye, wathi kuFiliphu: Singazithenga ngaphi izinkwa, ukuze laba badle na? Wakusho lokho emlinga, ngokuba yena ubekwazi abezakukwenza.
NgokukaJohane 6:1-6 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Emva kwalokho uJesu wawelela ngaphesheya kolwandle iGalile, oluseThibheriya. Isixuku esikhulu samlandela, ngokuba sasibone izibonakaliso ayezenza kulabo abagulayo. UJesu wenyukela entabeni, wahlala lapho nabafundi bakhe. UMkhosi wePhasika labaJuda wawususondele. Kuthe lapho uJesu ephakamisa amehlo, wabona isixuku esikhulu siza kuye, wathi kuFiliphu: “Sizakuzithenga kuphi izinkwa ukuba laba badle na?” Lokhu wayekusho emvivinya, ngokuba Yena wayekwazi ayezokwenza.
NgokukaJohane 6:1-6 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Emva kwalokho uJesu wamuka waya phesheya kolwandle lwaseGalile olungolwaseTiberiya. Samlandela isixuku esikhulu, ngokuba babebona izibonakaliso azenzayo kwabagulayo. UJesu wenyukela entabeni, wahlala phansi khona nabafundi bakhe. Laliseduze iPhasika, umkhosi wabaJuda. Kuthe uJesu ephakamisa amehlo, wabona ukuthi isixuku esikhulu siza kuye, wathi kuFiliphu: “Sizakuzithengaphi izinkwa ukuba badle laba na?” Washo njalo emvivinya, ngokuba yena wayekwazi azakukwenza.
NgokukaJohane 6:1-6 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)