NgokukaJohane 6

6
UJesu Upha Abantu Abayizinkulungwane Ezinhlanu Ukudla
(Mat. 14:13-21; Mak. 6:30-44; Luk. 9:10-17)
1Emva kwalokho uJesu wawelela ngaphesheya kolwandle iGalile, oluseThibheriya. 2Isixuku esikhulu samlandela, ngokuba sasibone izibonakaliso ayezenza kulabo abagulayo. 3UJesu wenyukela entabeni, wahlala lapho nabafundi bakhe. 4UMkhosi wePhasika labaJuda wawususondele. 5 Kuthe lapho uJesu ephakamisa amehlo, wabona isixuku esikhulu siza kuye, wathi kuFiliphu: “Sizakuzithenga kuphi izinkwa ukuba laba badle na?”
6Lokhu wayekusho emvivinya, ngokuba Yena wayekwazi ayezokwenza.
7UFiliphu wamphendula, wathi: “Izinkwa zawodenariyu abangama-200 zingeke zanele ukuba kube yilowo nalowo athole okuncane.”
8Omunye wabafundi bakhe, u-Andreya umfowabo kaSimoni Phethro, wathi kuJesu: 9“Kukhona umfana lapha onezinkwa zebhali ezinhlanu nezinhlanzi ezimbili, kodwa kuyini lokhu kubantu abaningi kangaka na?”
10UJesu wathi: “Bahlaliseni abantu.”
Kwakunotshani obuningi kuleyo ndawo. Ahlala phansi-ke amadoda, ayebalelwa ezi-5 000. 11Ngakho-ke uJesu wathatha izinkwa, wabonga, wayesezabela ababehleli lapho, wenza kanjalo futhi nangezinhlanzi, njengokuthanda kwabo. 12Kuthe sebesuthi, wathi kubafundi bakhe: “Buthani imvuthuluka eseleyo, kungachitheki lutho.”
13Bayibutha imvuthuluka yezinkwa ezinhlanu zebhali eyayisele ngenkathi abantu bedla, yagcwala iziqabetho ezili-12.
14 Kwathi abantu bebona isibonakaliso asenzileyo, bathi: “Impela, lo nguMphrofethi ozayo emhlabeni.”
15 Ngakho-ke uJesu azi ukuthi bazakuza, bambambe, ukuze bambeke abe yinkosi, wathi nyelele, futhi waya yedwa entabeni.
UJesu Uhamba Phezu Kwamanzi
(Mat. 14:22-27; Mak. 6:45-52)
16 Kuthe sekuhwalala, abafundi bakhe behlela olwandle, 17bagibela esikebheni, bawela ulwandle beya ngaphesheya eKhaphernawume. Kwase kuhlwile, kepha uJesu wayengakafiki kubo. 18Kwasuka isivunguvungu esikhulu, kwadlanga amaza olwandle. 19Kuthe sebegwedle ibanga elingaba ngamastadiyu angama-25 noma angama-30, bambona uJesu ehamba phezu kolwandle esondela esikebheni, besaba. 20Kepha wathi kubo: “YiMina, ningesabi.”
21Ngakho-ke bafuna ukumgibelisa esikebheni, kepha isikebhe safika masinyane ezweni ababeya kulo.
Isixuku Sifuna UJesu
22Ngakusasa isixuku esasisele ngaphesheya kolwandle sabona ukuthi asikho esinye isikebhe lapho, kukhona esisodwa kuphela, nokuthi uJesu wayengagibelanga esikebheni nabafundi bakhe, kodwa babehambe bodwa. 23Kwafika ezinye izikebhe zivela eThibheriya zema eduze nendawo lapho babedle khona isinkwa emuva kokuba iNkosi isibongile. 24Ngakho-ke lapho isixuku sibona ukuthi uJesu nabafundi bakhe abekho lapho, sangena ezikebheni, saya eKhapernawume siyofuna uJesu.
UJesu Uyisinkwa Sokuphila
25Sesimfumene ngaphesheya kolwandle, sathi kuye: “Rabi, ufike nini lapha na?”
26UJesu wabaphendula, wathi: “Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: aningifuni ngokuba nabona izibonakaliso, kodwa ngokuba nadla izinkwa, nasutha. 27 Ningasebenzeli ukudla okuphelayo, kepha ukudla okuhlala kuze kube ngukuphila okuphakade, eyakunipha khona iNdodana yomuntu, ngokuba uYise uNkulunkulu ubekile uphawu lwakhe kuyo.”
28Ngakho-ke bathi kuye: “Singenzani ukuba senze imisebenzi kaNkulunkulu na?”
29 UJesu waphendula, wathi kubo: “Umsebenzi kaNkulunkulu yilowo wokuba nikholwe nguye amthumileyo.”
30 Nokho-ke bathi kuye: “Pho sibonakaliso sini ozakusenza, ukuba sibone, ukuze sikholwe nguwe na? Uzokwenzani? 31 Okhokho bethu badla imana ehlane njengalokhu kulotshiwe ukuthi: ‘UNkulunkulu wabapha isinkwa esivela ezulwini ukuba badle.’ ”
32Ngakho-ke uJesu wathi kubo: “Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: kwakungeyena uMose owanipha isinkwa esivela ezulwini, kodwa nguBaba onipha isinkwa soqobo esivela ezulwini. 33Ngokuba isinkwa sikaNkulunkulu siyilowo owehla evela ezulwini, oliphayo izwe ukuphila.”
34Ngakho bathi kuye: “Nkosi, siphe leso sinkwa njalo njalo.”
35 UJesu wathi kubo: “Mina ngiyisinkwa sokuphila. Ozayo kimi akasoze alamba, nalowo okholwa yimi akasoze oma. 36Kepha nginitshelile ngathi: ningibonile, kodwa anikholwanga. 37 Konke uBaba angipha khona, kuyakuza kimi; lowo ozayo kimi, angisoze ngamlahla ngaphandle. 38 Ngokuba ngehle ezulwini, hhayi ukuzokwenza intando yami, kodwa intando yalowo ongithumileyo. 39 Manje yilena intando yongithumileyo, ukuba konke angiphe khona ngingalahlekelwa nangokukodwa kukho, kodwa ngikuvuse ngomhla wokuphela. 40 Ngokuba lokhu kuyintando kaBaba, ukuba yilowo nalowo obona iNdodana, akholwe yiyo, abe nokuphila okuphakade; Mina ngiyakumvusa ngomhla wokuphela.”
41Ngalokho-ke abaJuda bakhononda ngoJesu, ngokuba ethe: “Ngiyisinkwa esehle ezulwini.”
42 Bathi: “Lo muntu akusiye uJesu, indodana kaJosefa, uyise nonina esibaziyo na? Pho kungani manje, ethi: ‘Ngehle ezulwini,’ na?”
43UJesu waphendula, wathi kubo: “Ningakhonondi nodwa. 44Akekho ongeza kimi, uma uBaba ongithumileyo engamdonseli kimi. Mina-ke ngiyakumvusa ngomhla wokuphela. 45 Kulotshiwe kubaphrofethi ukuthi: ‘Bonke bayakuba ngabafundiswe nguNkulunkulu.’ Yilowo nalowo omzwile uBaba, wafunda, uza kimi. 46 Lokho akusho ukuthi ukhona oseke wambona uBaba, ngaphandle kwalowo ovela kuNkulunkulu, nguYena ombonileyo uBaba.
47 “Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: okholwayo unokuphila okuphakade. 48Mina ngiyisinkwa sokuphila. 49 Okhokho benu badla imana ehlane, bafa. 50Lesi yisinkwa esehla ezulwini ukuze umuntu osidlayo angafi. 51 Mina ngiyisinkwa sokuphila esehla ezulwini. Uma umuntu edla lesi sinkwa, uyakuphila ingunaphakade. Phezu kwalokho, isinkwa engisinikelayo ngenxa yokuphila kwezwe, singumzimba wami.”
52Base bephikisana bodwa abaJuda, bethi: “Lo muntu angasinika kanjani inyama yakhe, ukuba siyidle na?”
53Khona uJesu wathi kubo: “Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: uma ningayidli inyama yeNdodana yomuntu, niphuze igazi layo, aninakuphila. 54 Lowo odla inyama yami, aphuze igazi lami, unokuphila okuphakade; ngiyakumvusa ngomhla wokuphela. 55Ngokuba inyama yami ingukudla isibili, negazi lami liyisiphuzo isibili. 56 Odla inyama yami, aphuze igazi lami, uhlala kimi, nami kuye. 57Njengokuba uBaba ophilayo ungithumile, nami ngiphila ngaye, kanjalo nalowo ongidlayo, naye uyakuphila ngami. 58Lesi yisinkwa esehla ezulwini, asinjengaso esadliwa ngokhokho benu, bafa. Odla lesi sinkwa uyakuphila phakade.”
59UJesu wakukhuluma lokhu efundisa esinagogeni, eKhaphernawume.
Amazwi Okuphila Okuphakade
60 Lapho abaningi kubafundi bakhe bekuzwa lokho, bathi: “Leli lizwi lilukhuni, pho ngubani ongaliqonda na?”
61Kepha uJesu, azi ukuthi abafundi bakhe bayakhononda ngalokho, wathi kubo: “Ngabe lokho kuyanicasula yini na? 62 Pho-ke niyakuthini lapho nibona iNdodana yomuntu yenyukela lapho yavela khona na? 63 NguMoya ongophilisayo, inyama ayisizi ngalutho. Amazwi engiwakhulume kini angumoya, futhi angukuphila. 64 Kepha bakhona abanye kini abangakholwayo.”
UJesu wayazi kwasekuqaleni ukuthi ngobani abangakholwayo, nokuthi ngubani ozakumkhaphela. 65Wayesethi: “Yingakho-ke ngithe kini: akekho ongeza kimi uma engakuphiwe lokho nguBaba.”
66Kusukela lapho, abaningi kubafundi bakhe babuyela emuva, ababe besahamba naye. 67Ngakho-ke uJesu wathi kwabayishumi nambili: “Nani senifuna ukungihlamuka yini na?”
68 USimoni Phethro wamphendula, wathi: “Nkosi, siyakuya kubani na? Amazwi okuphila okuphakade akuwe. 69Thina siyakholwa, futhi siyazi ukuthi Wena ungoNgcwele kaNkulunkulu.”
70 UJesu wabaphendula, wathi: “Anginikhethanga yini nina enili-12 na? Kepha omunye wenu ungusathane.”
71Wayekhuluma ngoJuda, indodana kaSimoni Iskariyothe, ongomunye wabali-12, ngokuba nguye owayezakumkhaphela.

Okuqokiwe okwamanje:

NgokukaJohane 6: ZUL20

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume