NgokukaJohane 6:1-6

NgokukaJohane 6:1-6 ZUL59

Emva kwalokho uJesu wamuka waya phesheya kolwandle lwaseGalile olungolwaseTiberiya. Samlandela isixuku esikhulu, ngokuba babebona izibonakaliso azenzayo kwabagulayo. UJesu wenyukela entabeni, wahlala phansi khona nabafundi bakhe. Laliseduze iPhasika, umkhosi wabaJuda. Kuthe uJesu ephakamisa amehlo, wabona ukuthi isixuku esikhulu siza kuye, wathi kuFiliphu: “Sizakuzithengaphi izinkwa ukuba badle laba na?” Washo njalo emvivinya, ngokuba yena wayekwazi azakukwenza.