NgokukaJohane 6:1-6

NgokukaJohane 6:1-6 ZUL20

Emva kwalokho uJesu wawelela ngaphesheya kolwandle iGalile, oluseThibheriya. Isixuku esikhulu samlandela, ngokuba sasibone izibonakaliso ayezenza kulabo abagulayo. UJesu wenyukela entabeni, wahlala lapho nabafundi bakhe. UMkhosi wePhasika labaJuda wawususondele. Kuthe lapho uJesu ephakamisa amehlo, wabona isixuku esikhulu siza kuye, wathi kuFiliphu: “Sizakuzithenga kuphi izinkwa ukuba laba badle na?” Lokhu wayekusho emvivinya, ngokuba Yena wayekwazi ayezokwenza.

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo