Johane 6

6
Johane 6
1Emva kwalokho uJesu wamuka waya phesheya kolwandle lwaseGalile olungolwaseTiberiya.
2Isixuku esikhulu samlandela, ngokuba sasibona izibonakaliso zakhe azenzayo kwabagulayo.
3UJesu wenyukela entabeni, wahlala phansi khona nabafundi bakhe.
4Lase liseduze iPhasika labaJuda.
5Khona uJesu ephakamisa amehlo akhe, wabona isixuku esikhulu siza kuye, wathi kuFiliphu: Singazithenga ngaphi izinkwa, ukuze laba badle na?
6Wakusho lokho emlinga, ngokuba yena ubekwazi abezakukwenza.
7UFiliphu wamphendula wathi: Izinkwa zabodenariyo abangamakhulu amabili azibanele, ukuthi yilowo nalowo athathe okuyingcosana.
8Omunye wabafundi bakhe, u-Andreya umfowabo kaSimoni Petru, wathi kuye:
9Kukhona umfana lapha onezinkwa zebhali eziyisihlanu nezinhlanzana ezimbili;
10UJesu wathi: “Bahlaliseni abantu phansi. Kwakukhona utshani obuningi kuleyo ndawo. Ahlala-ke amadoda, umumo wawo kungathi izinkulungwane eziyisihlanu.
11UJesu wathatha izinkwa; esebongile wababela ababehlezi phansi; kanjalo nezinhlanzi ngokuthanda kwabo.
12Sebesuthi, wathi kubafundi bakhe: Buthani imvuthuluka eseleyo, kungachitheki lutho.
13Base bebutha, bagcwalisa iziqabetho eziyishumi nambili imvuthuluka yezinkwa eziyisihlanu zebhali, ezasala kwabadlileyo.
14Khona labobantu sebesibonile isimangaliso uJesu asenzayo, bathi: Isibili lo nguye umprofethi obezakuza emhlabeni.
15Kwathi uJesu esazi ukuthi bazakuza ukumbamba ngamandla, bambeke inkosi, wabuya wasuka waya entabeni yena yedwa.
16Kwathi sekuhlwile, abafundi bakhe behlela elwandle.
17Bangena emkhunjini, bawela ulwandle ngaseKapernawume. Kwasekumnyama, uJesu engakafiki kubo.
18Kwase kuvuka ulwandle ngenxa yokuvunguza komoya omkhulu.
19Sebegwedlile kungathi amastadiyu angamashumi amabili nanhlanu noma amashumi amathathu, babona uJesu ehamba phezu kolwandle, esondela emkhunjini;
20Kodwa wathi kubo: Yimi; ningesabi.
21Base bevuma ukumemukela emkhunjini; umkhumbi wawusufika masinyane ezweni ababeya kulo.
22Ngangomuso izixuku ezazimi ngaphesheya kolwandle zabona ukuthi kwakungekho sikebhe lapho, ngaphandle kwalowo ababengene kuwo abafundi bakhe, nokuthi uJesu akangenanga nabafundi bakhe emkhunjini, kodwa ukuthi abafundi bakhe. bahamba bodwa;
23(Kepha kwafika eminye imikhumbi evela eTiberiya eduze nendawo lapho ababedle khona isinkwa, ngemva kokuba iNkosi ibongile.)
24Kwathi ixuku selibonile ukuthi uJesu labafundi bakhe kakho lapho, labafundi bakhe bangena emikhunjini, beza eKapenawume befuna uJesu.
25Sebemtholile ngaphetsheya kolwandle, bathi kuye: Rabi, ufike nini lapha?
26UJesu wabaphendula wathi: “Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: Aningifuni ngokuba nabona izibonakaliso, kodwa ngokuba nadla izinkwa nasutha.
27Ningasebenzeli ukudla okuphelayo, kodwa ukudla okuhlala kuze kube ngukuphila okuphakade, eyonipha khona iNdodana yomuntu;
28Basebesithi kuye: Sizakwenzani, ukuze senze imisebenzi kaNkulunkulu?
29UJesu waphendula, wathi kubo: “Lokhu kungumsebenzi kaNkulunkulu, ukuba nikholwe kuye amthumileyo.
30Bathi kuye: “Pho, usenza isibonakaliso bani, ukuze sibone, sikholwe nguwe na? usebenzani?
31Okhokho bethu badla imana ehlane; njengokulotshiweyo ukuthi: Wabanika isinkwa esivela ezulwini ukuba badle.
32UJesu wayesethi kubo: “Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: UMose akaninikanga leso sinkwa esivela ezulwini; kodwa uBaba unipha isinkwa soqobo esivela ezulwini.
33Ngokuba isinkwa sikaNkulunkulu singuye owehla ezulwini, onika izwe ukuphila.
34Base bethi kuye: “Nkosi, sinike lesi sinkwa njalonjalo.
35UJesu wathi kubo: “Mina ngiyisinkwa sokuphila; ozayo kimi kasoze alamba; okholwa yimi kasoze oma naphakade.
36Kepha ngithe kini: Ningibonile nani, anikholwanga.
37Bonke uBaba anginika bona bayakuza kimi; futhi ozayo kimi angisoze ngamlahlela phandle.
38Ngoba ngehle ezulwini, kungeyisikho ukuthi ngenze intando yami, kodwa intando yalowo ongithumileyo.
39Nalokhu kuyintando kaBaba ongithumileyo, ukuba konke anginike khona ngingalahlekelwa lutho kukho, kodwa ngikuvuse ngosuku lokugcina.
40Le yintando yalowo ongithumileyo, ukuthi wonke obona iNdodana, akholwe kuyo, abe lokuphila okuphakade, lami ngizamvusa ngosuku lokucina.
41AmaJuda akhonona ngaye, ngokuba wathi: “Mina ngiyisinkwa esehla ezulwini.
42Basebesithi: Lo kayisuye uJesu yini indodana kaJosefa, uyise lonina esibaziyo? Asho kanjani-ke ukuthi: Ngehle ezulwini na?
43UJesu waphendula, wathi kubo: “Ningakhononi phakathi kwenu.
44Akakho ongeza kimi, uma uBaba ongithumileyo emdonsa, mina-ke ngiyakumvusa ngosuku lokugcina.
45Kulotshiwe kubaprofethi ukuthi: Futhi bonke bayakuba ngabafundiswe nguNkulunkulu. Ngakho wonke umuntu ozwile kuBaba wafunda kuBaba uyeza kimi.
46Kungesikho ukuthi ukhona oke wabona uBaba, kuphela ovela kuNkulunkulu;
47Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: Okholwa yimi unokuphila okuphakade.
48Mina ngiyisinkwa sokuphila.
49Oyihlo badla imana ehlane, bafa;
50Lesi yisinkwa esehla ezulwini, ukuba umuntu asidle, angafi.
51Mina ngiyisinkwa esiphilayo esehle ezulwini; uma umuntu edla lesi sinkwa, uyakuphila phakade;
52Ngakho abaJuda baphikisana bodwa, besithi: Lo angasinika njani inyama yakhe ukuthi siyidle?
53UJesu wayesethi kubo: “Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: Uma ningayidli inyama yeNdodana yomuntu, niphuze igazi layo, aninakuphila kini.
54Odla inyama yami, aphuze igazi lami, unokuphila okuphakade; futhi mina ngizamvusa ngosuku lokucina.
55Ngokuba inyama yami ingukudla isibili, negazi lami liyisiphuzo isibili.
56Odla inyama yami, anathe igazi lami, uhlala kimi, nami kuye.
57Njengokuba uBaba ophilayo ungithumile, nami ngiphila ngoBaba, kanjalo ongidlayo, naye uyakuphila ngami.
58Leso yisinkwa esehla ezulwini, kungenjengalokho oyihlo badla imana, bafa; odla lesi sinkwa uyakuphila phakade.
59Lokho wakukhuluma esinagogeni efundisa eKapernawume.
60Ngakho abaningi kubafundi bakhe bekuzwa bathi: “Lilukhuni leli zwi; ngubani ongakuzwa na?
61UJesu ekwazi phakathi kwakhe ukuthi abafundi bakhe bayakhonona ngalokho, wathi kubo: “Lokhu kuyanicasula na?
62Kuyini-ke nxa libona iNdodana yomuntu yenyukela lapho eyayikhona kuqala?
63Ngumoya ophilisayo; inyama ayisizi lutho; amazwi engiwakhuluma kini angumoya, angukuphila.
64Kodwa bakhona abanye kini abangakholwa. Ngokuba uJesu wayazi kwasekuqaleni ukuthi bangobani abangakholwa nokuthi ngubani oyakumkhaphela.
65Wasesithi: Kungakho ngithe kini: Kakho ongeza kimi, ngaphandle kokuthi ukuphiwe nguBaba.
66Kusukela ngaleso sikhathi abaningi babafundi bakhe babuyela emuva, ababe besahamba naye.
67Khona uJesu wathi kwabayishumi nambili: “Nani nithanda ukumuka na?
68USimoni Petru wamphendula wathi: “Nkosi, siyakuya kubani na? amazwi okuphila okuphakade nguwe.
69Siyakholwa, siyazi ukuthi wena unguKristu, iNdodana kaNkulunkulu ophilayo.
70UJesu wabaphendula wathi: “Mina anginikhethanga nina abayishumi nambili na?
71Wayekhuluma ngoJudasi Iskariyothe kaSimoni, ngoba nguye owayezamkhaphela, engomunye wabalitshumi lambili.

Okuqokiwe okwamanje:

Johane 6: ZuluNT

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo