NgokukaJohane 13:1-5
NgokukaJohane 13:1-5 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
Kwathi ungakafiki umkhosi wePhasika, uJesu esazi ukuthi ihora lakhe selifikile ukuthi amuke kuleli zwe, aye kuYise, ebathandile abakhe abasezweni, wabathanda kwaze kwaba sekupheleni. Sekudliwe isidlo sakusihlwa, uSathane esefakile enhliziyweni kaJuda Iskariyothe kaSimoni ukuba amkhaphele; UJesu ekwazi ukuthi uYise unikele zonke izinto esandleni sakhe, lokuthi uvela kuNkulunkulu, njalo uye kuNkulunkulu; Wasukuma ekudleni, wabeka izingubo zakhe; wathatha ithawula, wabhinca. Emva kwalokho wathela amanzi endishini, waqala ukugeza izinyawo zabafundi, nokuzesula ngethawula abelibhincele.
NgokukaJohane 13:1-5 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Kwathi sekuzakuba nguMkhosi wePhasika uJesu azi ukuthi sesifikile isikhathi sakhe sokuba amuke kulo mhlaba aye kuYise, kepha wayebathandile abangabakhe abasemhlabeni kwaze kwaba sekugcineni. Sekudliwa isidlo sakusihlwa, usathane wayesekufakile enhliziyweni kaJuda Iskariyothe kaSimoni ukuba amkhaphele. UJesu wayekwazi ukuthi uYise unikele konke ezandleni zakhe, nokuthi Yena wavela kuNkulunkulu, futhi ubuyela kuye. Wasukuma esidlweni, wabeka izingubo zakhe, wathatha ithawula, walibopha okhalo. Wayesethela amanzi emcengezini, waqala ukugeza abafundi bakhe izinyawo, ezesula ngethawula ayelibophele okhalo.
NgokukaJohane 13:1-5 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Kwathi ngaphambi komkhosi wePhasika uJesu azi ukuthi isikhathi sakhe sesifikile ukuba amuke kuleli zwe, aye kuYise, ebathandile abakhe abasezweni wabathanda kwaze kwaba sekupheleni. Sekudliwa, uSathane esekufake enhliziyweni kaJuda Iskariyothe kaSimoni ukuba amkhaphele, uJesu ekwazi ukuthi uYise unikele konke ezandleni zakhe nokuthi wavela kuNkulunkulu, futhi ubuyela kuNkulunkulu, wasuka ekudleni, wabeka izingubo zakhe, wathabatha indwangu, wakhwica. Emva kwalokho wathela amanzi emcengezini, waqala ukugeza izinyawo zabafundi, wazesula ngendwangu abekhwice ngayo.
NgokukaJohane 13:1-5 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)