Johane 13:1-5

Johane 13:1-5 ZULUNT

Kwathi ungakafiki umkhosi wePhasika, uJesu esazi ukuthi ihora lakhe selifikile ukuthi amuke kuleli zwe, aye kuYise, ebathandile abakhe abasezweni, wabathanda kwaze kwaba sekupheleni. Sekudliwe isidlo sakusihlwa, uSathane esefakile enhliziyweni kaJuda Iskariyothe kaSimoni ukuba amkhaphele; UJesu ekwazi ukuthi uYise unikele zonke izinto esandleni sakhe, lokuthi uvela kuNkulunkulu, njalo uye kuNkulunkulu; Wasukuma ekudleni, wabeka izingubo zakhe; wathatha ithawula, wabhinca. Emva kwalokho wathela amanzi endishini, waqala ukugeza izinyawo zabafundi, nokuzesula ngethawula abelibhincele.

Funda Johane 13