NgokukaJohane 13:1-5

NgokukaJohane 13:1-5 ZUL59

Kwathi ngaphambi komkhosi wePhasika uJesu azi ukuthi isikhathi sakhe sesifikile ukuba amuke kuleli zwe, aye kuYise, ebathandile abakhe abasezweni wabathanda kwaze kwaba sekupheleni. Sekudliwa, uSathane esekufake enhliziyweni kaJuda Iskariyothe kaSimoni ukuba amkhaphele, uJesu ekwazi ukuthi uYise unikele konke ezandleni zakhe nokuthi wavela kuNkulunkulu, futhi ubuyela kuNkulunkulu, wasuka ekudleni, wabeka izingubo zakhe, wathabatha indwangu, wakhwica. Emva kwalokho wathela amanzi emcengezini, waqala ukugeza izinyawo zabafundi, wazesula ngendwangu abekhwice ngayo.

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo