U-Isaya 4:3-5
U-Isaya 4:3-5 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Kuyothi insali eseZiyoni nalabo abasele eJerusalema, bonke ababhaliselwe ukuthi basaphila eJerusalema, kuthiwe bangcwele, lapho iNkosi isikukhucululile ukungcola kwamadodakazi aseZiyoni, yalihlanza igazi eliphakathi kweJerusalema ngomoya wokwehlulela nangomoya womlilo. USimakade uyodala phezu kwayo yonke indawo entabeni iZiyoni, naphezu kwazo zonke izindawo zokuhlanganela ifu emini, nentuthu nokukhanya kwelangabi lomlilo ebusuku. Ngokuba phezu kwayo yonke inkazimulo, kuyoba khona isivikelo.
U-Isaya 4:3-5 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Kuyakuthi yena oshiyiwe eSiyoni naye osele eJerusalema, bathiwe bangcwele, bonke abalotshelwe ukuphila eJerusalema, lapho iNkosi igezile insila yamadodakazi aseJerusalema, nalapho isihlanzile igazi laseJerusalema phakathi kwalo ngomoya wokwahlulela nangomoya wokushisa. UJehova uyakudala phezu kwayo yonke indawo yentaba yaseSiyoni naphezu kwemihlangano yayo ifu nomusi emini nokukhanya kwelangabi lomlilo ebusuku, ngokuba phezu kwayo yonke inkazimulo kuyakuba khona isivikelo.
U-Isaya 4:3-5 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Kuyothi labo abasele eSiyoni, nalabo abasele eJerusalema bayobizwa ngokuthi bangcwele, wonke umuntu olotshwe phakathi kwabaphilayo eJerusalema. Lapho uJehova ehlanza ukungcola kwamadodakazi aseSiyoni futhi ehlanza igazi laseJerusalema kulo ngomoya wokwahlulela nangomoya womlilo. Futhi uJehova uyodala phezu kwayo yonke indawo yokuhlala yeNtaba iZiyoni naphezu kwamabandla ayo ifu nomusi emini nokukhanya komlilo ovuthayo ebusuku, ngoba phezu kwayo yonke inkazimulo kuyoba khona indawo yokucasha.