U-Isaya 4

4
1Ngalolo suku abesifazane abayisikhombisa bayakubamba indoda inye, bathi: “Siyakudla isinkwa sethu, sembathe izingubo zethu. Masibizwe kuphela ngegama lakho, ususe ihlazo lethu.”
Inkazimulo yaseSiyoni
2Ngalolo suku ihlumela likaJehova liyakuba lihle, libe nenkazimulo, nezithelo zomhlaba ziyakuba nodumo nobuhle kwabaphunyukileyo bakwa-Israyeli. 3 Kuyakuthi yena oshiyiwe eSiyoni naye osele eJerusalema, bathiwe bangcwele, bonke abalotshelwe ukuphila eJerusalema, 4 lapho iNkosi igezile insila yamadodakazi aseJerusalema, nalapho isihlanzile igazi laseJerusalema phakathi kwalo ngomoya wokwahlulela nangomoya wokushisa. 5 UJehova uyakudala phezu kwayo yonke indawo yentaba yaseSiyoni naphezu kwemihlangano yayo ifu nomusi emini nokukhanya kwelangabi lomlilo ebusuku, ngokuba phezu kwayo yonke inkazimulo kuyakuba khona isivikelo. 6 Kuyakuba khona idokodo, libe ngumthunzi ekushiseni kwemini nesiphephelo nesivikelo esivunguvungwini nasemvuleni.

Okuqokiwe okwamanje:

U-Isaya 4: ZUL59

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo