U-Izaya 4
4
1Ngalolo lusuku abesifazane abayisikhombisa bayobamba indoda eyodwa, bathi kuyo: “Sizozondla thina, sizembathise ngokwethu, kuphela nje masibizwe ngegama lakho, ususe ihlazo lethu.”
Inkazimulo YaseZiyoni
2Ngalolo lusuku ihlumela likaSimakade liyoba lihle, libe nenkazimulo, nezithelo zomhlaba ziyoba nodumo nobuhle ensalini ephunyukileyo yakwa-Israyeli. 3Kuyothi insali eseZiyoni nalabo abasele eJerusalema, bonke ababhaliselwe ukuthi basaphila eJerusalema, kuthiwe bangcwele, 4lapho iNkosi isikukhucululile ukungcola kwamadodakazi aseZiyoni, yalihlanza igazi eliphakathi kweJerusalema ngomoya wokwehlulela nangomoya womlilo. 5USimakade uyodala phezu kwayo yonke indawo entabeni iZiyoni, naphezu kwazo zonke izindawo zokuhlanganela ifu emini, nentuthu nokukhanya kwelangabi lomlilo ebusuku. Ngokuba phezu kwayo yonke inkazimulo, kuyoba khona isivikelo. 6Iyakuba ngumpheme nomthunzi ekushiseni kwemini, nesiphephelo nompheme esivunguvungwini nasemvuleni.
Okuqokiwe okwamanje:
U-Izaya 4: ZUL20
Qhakambisa
Dlulisela
Kopisha
Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume
Bible in isiZulu 2020 © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.
Bible in isiZulu 2020 with Deuterocanonical Books © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.