U-Isaya 4:3-5

U-Isaya 4:3-5 ZUL59

Kuyakuthi yena oshiyiwe eSiyoni naye osele eJerusalema, bathiwe bangcwele, bonke abalotshelwe ukuphila eJerusalema, lapho iNkosi igezile insila yamadodakazi aseJerusalema, nalapho isihlanzile igazi laseJerusalema phakathi kwalo ngomoya wokwahlulela nangomoya wokushisa. UJehova uyakudala phezu kwayo yonke indawo yentaba yaseSiyoni naphezu kwemihlangano yayo ifu nomusi emini nokukhanya kwelangabi lomlilo ebusuku, ngokuba phezu kwayo yonke inkazimulo kuyakuba khona isivikelo.

Funda U-Isaya 4