U-Isaya 38:15-17
U-Isaya 38:15-17 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Ngingathini na? Phela ukhulumile kimi, futhi ukwenzile yena. Ngiphelelwe ngubuthongo ngenxa yomunyu emphefumulweni wami. Nkosi, abantu baphila ngalezi zinto, nokuphila komphefumulo wami kukuzo zonke lezi zinto; ngiphulukise, ungiphilise. Impela, kwakungenxa yami ukuba ngibe nomunyu omkhulu; nguwena owawuthanda umphefumulo wami, waze wawophula egodini lokubhujiswa, ngokuba uzintshinge emuva kwakho zonke izono zami.
U-Isaya 38:15-17 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Ngingakhuluma ngithini na? Ukhulumile kimi, ukwenzile yena. Ngiyakubinyabinyeka yonke iminyaka ngomunyu womphefumulo wami. Nkosi, abantu baphila ngalokho, nokuphila komoya wami kukulokho kuphelele; ngalokho mawungiphulukise, ungiphilise. Bheka, kwakungokuhle kimi ukuthi nganginomunyu; wena wawuthanda umphefumulo wami, waze waphuma egodini lokubhujiswa, ngokuba uzilahlile nyovane zonke izono zami.
U-Isaya 38:15-17 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Ngizothini? wakhuluma kimi futhi wakwenza ngokwakhe; Ngizohamba kahle iminyaka yami ngomunyu womphefumulo wami. O Nkosi, kuzo zonke lezi zinto abantu baphila, futhi kuzo zonke lezi zinto kukhona ukuphila komoya wami; ngalokho uyakungibuyisela, ungenze ngiphile. Bheka, nganginomunyu omkhulu ngenxa yokuthula, kepha wawusindisa umphefumulo wami egodini lokubhubhisa, ngokuba walahla zonke izono zami ngemuva kwakho.