U-Izaya 38

38
Ukugula Nokusinda KukaHezekiya
1Ngalezo zinsuku uHezekiya wagula wabangwa nezibi. Kwase kufika kuye umphrofethi u-Izaya, indodana ka-Amozi, wathi: “Usho kanje uSimakade, uthi: ‘Lungisa izindaba zendlu yakho ngokuba uzokufa, ngeke uze usinde.’ ”
2UHezekiya waphendulela ubuso bakhe obondeni, wakhuleka kuSimakade, 3wathi “Ngiyakuncenga Simakade ukuba ukhumbule ukuthi ngihambe phambi kwakho ngeqiniso nangenhliziyo epheleleyo, ngenza okuhle emehlweni akho.”
UHezekiya wayesekhala umunyu.
4Izwi likaSimakade lafika ku-Izaya, lathi: 5“Hamba uye kuHezekiya, uthi: ‘Usho kanje uSimakade uNkulunkulu kaDavide, ukhokho wakho, uthi: “Ngiwuzwile umkhuleko wakho, ngizibonile izinyembezi zakho; ngizonezelela iminyaka eli-15 ezinsukwini zakho zokuphila. 6Ngizokusindisa, wena nalo muzi, esandleni senkosi yase-Asiriya, ngiwuvikele lo muzi.
7“ ‘ “Yilesi isibonakaliso esivela kuSimakade sokuthi uSimakade uzokwenza lokho akwethembisile kuwe. 8Bheka, ngizokwenza isithunzi selanga sibuyele emuva izinyathelo ezilishumi ebelizehlile ezitebhisini zika-Ahazi.” ’ ”
Ngakho-ke ilanga labuyela emuva izinyathelo ezilishumi, ezinyathelweni elizehlileyo.
Ihubo LikaHezekiya
9Ihubo likaHezekiya, inkosi yakwaJuda, emveni kokugula nokusinda kwakhe:
10Ngathi:
“Ngangiphakathi nempilo yami
ngizongena emasangweni endawo yabafileyo,
ngaphucwe ingxenye yeminyaka yami.”
11Ngathi:
“Angiyukumbona uSimakade,
uSimakade ezweni labaphilayo;
angisayukubona muntu phakathi kwabakhileyo ezweni.
12Idokodo lami lisishuliwe, lasuswa kimi
njengethende lomelusi;
Njengomaluki, ukuphila kwami ngakusonga,
uyanginquma esalukweni,
kusukela emini kuze kube sebusuku
uyayiphelisa impilo yami.
13Ngakhala ngifuna usizo kwaze kwasekuseni;
uyawephula wonke amathambo ami njengengonyama;
kusukela emini kuze kube sebusuku,
uyayiqeda impilo yami.
14Njengenkonjane noma indwa ngiyatshiyoza,
ngiyakhala njengejuba;
amehlo ami akhathele ukubheka phezulu;
Nkosi, ngicindezelwe, yiba lusizo lwami.”
15Ngingathini na?
Phela ukhulumile kimi,
futhi ukwenzile yena.
Ngiphelelwe ngubuthongo
ngenxa yomunyu emphefumulweni wami.
16Nkosi, abantu baphila ngalezi zinto,
nokuphila komphefumulo wami
kukuzo zonke lezi zinto;
ngiphulukise, ungiphilise.
17Impela, kwakungenxa yami
ukuba ngibe nomunyu omkhulu;
nguwena owawuthanda
umphefumulo wami,
waze wawophula
egodini lokubhujiswa,
ngokuba uzintshinge emuva kwakho
zonke izono zami.
18Ngokuba indawo yabafileyo ayinakukubonga,
nokufa akunakukudumisa;
abehlela egodini abanakuthembela ekulungeni kwakho.
19Abaphilayo,
abaphilayo bayakubonga njengami namuhla;
oyise bayabazisa abantwana
ngokuthembeka kwakho.
20USimakade uyakungisindisa;
ngalokho siyakucula
sisine zonke izinsuku
zokuhamba kwethu endlini kaSimakade.
21U-Izaya wayethe: “Mabathathe isigaxa samakhiwane basibeke ethumbeni, ukuze asinde.”
22NoHezekiya wayethe: “Sibonakaliso sini sokuthi ngiyokwenyukela endlini kaSimakade na?”

Okuqokiwe okwamanje:

U-Izaya 38: ZUL20

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo