U-Isaya 38

38
Ukugula nokusinda kukaHezekiya
1 Ngalezo zinsuku uHezekiya wagula, wayephansi kokufa. Kwafika kuye u-Isaya umprofethi, indodana ka-Amose, wathi kuye: “Usho kanje uJehova, uthi: Yalela indlu yakho, ngokuba uyakufa, awuyikusinda.”
2UHezekiya wayesephendulela ubuso bakhe odongeni, wakhuleka kuJehova, 3wathi: “Ngiyacela, Jehova: ake ukhumbule ukuthi ngihambile phambi kwakho ngeqiniso nangenhliziyo epheleleyo, ngenzile okuhle emehlweni akho.” Wayesekhala uHezekiya ngokukhala okukhulu.
4Lafika ku-Isaya izwi likaJehova, lathi: 5“Hamba, uthi kuHezekiya: ‘Usho kanje uJehova uNkulunkulu kaDavide uyihlo, uthi: Ngizwile umkhuleko wakho, ngibonile izinyembezi zakho; ngiyakwenezela ezinsukwini zakho iminyaka eyishumi nanhlanu. 6Ngiyakophula wena nalo muzi esandleni senkosi yase-Asiriya, ngiwuvikele lo muzi.
7“ ‘Lesi siyakuba yisibonakaliso kuwe esivela kuJehova sokuthi uJehova uyakukwenza lokho akukhulumileyo: 8bheka, isithunzi sezinyathelo ilanga elizehlile ezinyathelweni zelanga zika-Ahazi ngiyakusibuyisa izinyathelo eziyishumi.’ ” Ilanga labuya-ke izinyathelo eziyishumi ezinyathelweni elizehlileyo.
Ihubo likaHezekiya
9Ihubo likaHezekiya inkosi yakwaJuda lapho wayekade egula, wasinda ekuguleni kwakhe:
10 Ngathi: “Ngiphakathi nezinsuku zami
ngiyakungena emasangweni endawo yabafileyo,
ngaphuciwe inxenye yeminyaka yami.”
11Ngathi: “Angiyikumbona uJehova,
uJehova ezweni labaphilayo;
angisayikubuka muntu nginabakhileyo bezwe.
12Idokodo lami lisishuliwe,
lasuswa kimi njengetende lomalusi;
ngisongile ukuphila kwami njengomaluki;
uyanginquma esalukweni;
kusukela emini kuze kube sebusuku uyangiqeda.
13Ngakhala kwaze kwaba sekuseni;
njengengonyama uyaphula onke amathambo ami;
kusukela emini kuze kube sebusuku uyangiqeda.
14 Ngatshiyozisa okwenkonjane,
ngaliliselisa okwejuba;
amehlo ami aphela ngokubheka phezulu;
Nkosi, ngiyacindezelwa;
yiba yisibambiso sami.”
15Ngingakhuluma ngithini na?
Ukhulumile kimi, ukwenzile yena.
Ngiyakubinyabinyeka yonke iminyaka
ngomunyu womphefumulo wami.
16Nkosi, abantu baphila ngalokho,
nokuphila komoya wami kukulokho kuphelele;
ngalokho mawungiphulukise, ungiphilise.
17 Bheka,
kwakungokuhle kimi ukuthi nganginomunyu;
wena wawuthanda umphefumulo wami,
waze waphuma egodini lokubhujiswa,
ngokuba uzilahlile nyovane zonke izono zami.
18 Ngokuba indawo yabafileyo ayikubongi,
nokufa akukudumisi;
abehlela egodini ababheki ukuthembeka kwakho.
19 Abaphilayo,
abaphilayo bayakubonga njengami namuhla;
uyise uyabazisa abantwana ukuthembeka kwakho.
20 UJehova uyakungisindisa;
ngalokho siyakubetha ngezingubhu ezinezintambo
zonke izinsuku zokuhamba kwethu endlini kaJehova.
21U-Isaya wathi: “Mabathathe isigaxa samakhiwane, basibeke ethumbeni, uyakusinda.”
22Kepha uHezekiya wathi: “Yisibonakaliso sini sokuba ngiyakwenyukela endlini kaJehova na?”

Okuqokiwe okwamanje:

U-Isaya 38: ZUL59

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo