U-Izaya 38:15-17

U-Izaya 38:15-17 ZUL20

Ngingathini na? Phela ukhulumile kimi, futhi ukwenzile yena. Ngiphelelwe ngubuthongo ngenxa yomunyu emphefumulweni wami. Nkosi, abantu baphila ngalezi zinto, nokuphila komphefumulo wami kukuzo zonke lezi zinto; ngiphulukise, ungiphilise. Impela, kwakungenxa yami ukuba ngibe nomunyu omkhulu; nguwena owawuthanda umphefumulo wami, waze wawophula egodini lokubhujiswa, ngokuba uzintshinge emuva kwakho zonke izono zami.