KwabaseGalathiya 2:19-20
KwabaseGalathiya 2:19-20 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
Ngokuba ngomthetho mina ngafa kuwo umthetho, ukuze ngiphile kuNkulunkulu. Ngibethelwe kanye noKristu, nokho ngiyaphila; nokho akumina, kodwa uKristu uphila kimi, nokuphila engikuphila manje enyameni ngikuphila ngokukholwa yiNdodana kaNkulunkulu eyangithandayo, yazinikela ngenxa yami.
KwabaseGalathiya 2:19-20 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Ngokuba mina ngafa kuwo umthetho, ukuze ngiphile noNkulunkulu ngibethelwe noKhristu. Ngiyaphila, kodwa akuseyimi ophilayo, kepha uKhristu ophila kimi, ngakho-ke ukuphila engikuphilayo manje enyameni, ngikuphila ngokukholwa yiNdodana kaNkulunkulu eyangithanda, yazinikela ngenxa yami.
KwabaseGalathiya 2:19-20 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Ngokuba ngomthetho mina ngafa kuwo umthetho, ukuze ngiphilele uNkulunkulu. Ngibethelwe kanye noKristu; akuseyimi ophilayo, kepha uKristu uphila kimi; kodwa ukuphila engikuphilayo kalokhu enyameni ngikuphila ngokukholwa, okungukukholwa yiNdodana kaNkulunkulu eyangithandayo, yazinikela ngenxa yami.
KwabaseGalathiya 2:19-20 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)