KwabaseGalathiya 2:19-20

KwabaseGalathiya 2:19-20 CZB24

Ngokuba ngomthetho mina ngafa kuwo umthetho, ukuze ngiphile kuNkulunkulu. Ngibethelwe kanye noKristu, nokho ngiyaphila; nokho akumina, kodwa uKristu uphila kimi, nokuphila engikuphila manje enyameni ngikuphila ngokukholwa yiNdodana kaNkulunkulu eyangithandayo, yazinikela ngenxa yami.