1 kwabaseKorinte 7:12-14
1 kwabaseKorinte 7:12-14 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Manje-ke kwabanye ngithi, kungasho yona iNkosi ukuthi, uma umzalwane enomfazi ongakholwa, yena evuma ukuhlala naye, makangamlahli. Kanjalo nomfazi, uma enendoda engakholwa, yona ivuma ukuhlala naye, makangayishiyi indoda. Ngokuba indoda engakholwayo ingcwelisiwe ngenxa yomfazi okholwayo, nomfazi ongakholwa ungcwelisiwe ngenxa yendoda, kungenjalo izingane zenu zingcolile, kodwa kalokhu zingcwele.
1 kwabaseKorinte 7:12-14 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Kepha kwabanye kusho mina, akusho iNkosi, ukuthi uma umzalwane enomfazi ongakholwayo, yena-ke evuma ukuhlala naye, angamlahli; nomfazi, uma enendoda engakholwayo, yona-ke ivuma ukuhlala naye, angayishiyi indoda. Ngokuba indoda engakholwayo ingcwelisiwe ngomfazi, nomfazi ongakholwayo ungcwelisiwe ngomzalwane. Uma kungenjalo, abantwana benu ngabe bangcolile; kepha kalokhu bangcwele.
1 kwabaseKorinte 7:12-14 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Kepha kwabanye ngithi mina, akusho iNkosi: Uma umzalwane enomfazi ongakholwayo, yena-ke evuma ukuhlala naye, makangamlahli. Nowesifazane onendoda engakholwayo, futhi uma ivuma ukuhlala naye, angayishiyi. Ngokuba indoda engakholwayo ingcwelisiwe ngomfazi, nomfazi ongakholwayo ungcwelisiwe ngendoda; uma kungenjalo abantwana benu ngabe bangcolile; kodwa manje bangcwele.
1 kwabaseKorinte 7:12-14 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)