1 kwabaseKorinte 16:1-24

1 kwabaseKorinte 16:1-24 IsiZulu 2020 (ZUL20)

Maqondana nomnikelo oqoqelwa abangcwele, njengalokhu ngawayala amabandla aseGalathiya, nani-ke yenzani kanjalo. Ngosuku lokuqala lweviki akube yilowo nalowo azibekele, aqongelele azakunikela ngakho njengokuphumelela kwakhe, ukuze kuthi lapho ngifika, kungabi yima kuqalwa kuqoqwa umnikelo. Kuyakuthi ekufikeni kwami, ngithumele eJerusalema labo enibaqokileyo, bephethe izincwadi, baziyise izipho zenu zothando. Uma nami kufanele ukuba ngihambe, ngiyakuhamba nabo. Ngiyakuza kini uma sengedlulile eMakhedoniya, ngokuba ngiyakudlula khona eMakhedoniya. Mhlawumbe kungenzeka ngihlale nani isikhathi esithile, noma kuze kwedlule ubusika, ukuze ningiqhube ohambeni lwami noma kuphi lapho ngiya khona. Ngokuba manje angithandi ukunibona ngedlula, lokhu ngithemba ukuthi ngizakuhlala nani isikhathi, uma iNkosi ivuma. Kepha ngizakuhlala e-Efesu, kuze kufike umkhosi wePhentekhoste, ngokuba ngivulelwe umnyango omkhulu wethuba lokusebenza; nakuba bebaningi abamelene nami. Uma uThimothewu efika lapho, anoqikelela ukuba ahlale nani engenalo uvalo, ngokuba naye usebenza umsebenzi weNkosi njengami, ngakho-ke makungabi bikho omedelelayo. Uma esehamba anomkhapha ngokuthula endleleni, ngokuba ngimlindele yena nabazalwane. Maqondana nomzalwane u-Apholo, ngamncenga kakhulu ukuba eze kini nabazalwane, kodwa kwakungesiyo intando yakhe ukuba eze manje. Kepha uyakuza kini uma esethole ithuba. Lindani, nime niqinile ekukholweni, nime isibindi, nibe namandla. Konke enikwenzayo, kwenzeni ngothando. Ngiyanincenga manje bazalwane, niyazi ukuthi indlu kaStefana iwulibo lokuqala lwase-Akhaya, nokuthi bazinikela ukuba basize abangcwele, ukuba nibathobele abanjalo nabo bonke abasebenzisana nabo bezikhandla. Ngiyathokoza ngokufika kukaStefana, uFortunatu no-Akhayiku, lokhu basivalile isikhala sokungabi bikho kwenu lapha. Ngokuba bawuvuselele umoya wami nowenu, ngakho-ke basizeni abantu abanjalo. Ayakhonza kini amabandla ase-Asiya. U-Akhwila, uPhriska kanye nebandla elisendlini yabo, bayakhonza kakhulu kini eNkosini. Bonke abazalwane bayakhonza kini. Bingelelanani ngokwangana okungcwele. Nanku umkhonzo wami, mina Pawula, engiwuloba ngesandla sami. Uma umuntu engayithandi iNkosi, makabe ngoqalekisiweyo. Woza, Nkosi yethu! Umusa weNkosi uJesu mawube nani. Uthando lwami malube nani nonke kuKhristu uJesu.

1 kwabaseKorinte 16:1-24 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)

Maqondana nokuqoqwa kweminikelo yabangcwele, njengalokho ngayala amabandla aseGalathiya, yenzani kanjalo nani. Ngosuku lokuqala lweviki yilowo nalowo kini makabeke eceleni kwakhe njengokuphumelelayo kukaNkulunkulu, ukuze kungabikho ukubuthwa, lapho ngifika. Njalo ekufikeni kwami labo enibavuma ngezincwadi, ngizakubathuma ukuthi balethe izipho zenu eJerusalema. futhi uma kufanele ukuthi nami ngihambe, bayakuhamba nami. Kepha ngiyakuza kini, nxa sengidabulile iMakedoniya, ngokuba ngiyakudabula iMakedoniya. futhi mhlawumbe ngizahlala lani, yebo, lobusika, ukuze ningihambise loba ngaphi lapho engiya khona. Ngokuba angithandi ukunibona manje ngidlula; kodwa ngiyethemba ukuhlala kini isikhathi, uma iNkosi ivuma. Kodwa ngizahlala e-Efesu kuze kufike iPhentekoste. Ngokuba ngivulelwe umnyango omkhulu onamandla, nabamelene nami baningi. Kepha uma uThimothewu efika, bhekani ukuba abe kini engesabi, ngokuba usebenza umsebenzi weNkosi njengami. Ngakho makungabikho omdelelayo, kodwa mhambiseni ngokuthula, ukuze eze kimi, ngokuba ngimlindile kanye nabazalwane. Maqondana nomzalwane u-Apholo, ngamncenga kakhulu ukuba eze kini kanye nabazalwane; kodwa uyeza nxa enethuba. Lindani, nime niqinile ekukholweni, nibe ngamadoda, nibe namandla. Zonke izinto zenu makwenziwe ngothando. Ngiyanincenga, bazalwane, niyayazi indlu kaStefana ukuthi iyilibo lase-Akhaya nokuthi bazinikele enkonzweni yabangcwele; ukuze nibathobele abanjalo, nakubo bonke abasizayo nabakhandlekayo kanye nathi. Ngiyathokoza ngokufika kukaStefana noFortunatu no-Akhayiku, ngokuba bakufezile ukusilela kwenu. Ngokuba bawuqabulile umoya wami nowenu; Amabandla ase-Asiya ayakhonza kini. U-Akwila noPrisila bayakhonza kini kakhulu eNkosini kanye nebandla elisendlini yabo. Abazalwane bonke bayakhonza kini. Bingelelanani ngokwanga okungcwele. Isibingelelo sami mina Pawulu ngesami isandla. Uma umuntu engayithandi iNkosi uJesu Kristu, makabe ngoqalekisiweyo. Umusa weNkosi yethu uJesu Kristu mawube nani. Uthando lwami malube nani nonke kuKristu Jesu. Amen. (Incwadi yokuqala eya kwabaseKorinte yabhalwa nguStefana noFortunatu no-Akhayiku noThimothewu eseFilipi.)

1 kwabaseKorinte 16:1-24 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)

Maqondana nomnikelo obuthelwa abangcwele, njengalokho ngayala amabandla aseGalathiya, yenzani kanjalo nani. Ngosuku lokuqala lweviki akube yilowo nalowo azibekelele eqongelela njengenhlanhla yakhe, ukuze kuthi nxa ngifika, kungabi yikhathi kwenziwa umnikelo. Ekufikeni kwami labo enibakhethayo ngizakubathuma, bephethe izincwadi, ukuba bayise izipho zenu zothando eJerusalema; uma kufanele ukuba nami ngihambe, bayakuhamba kanye nami. Kepha ngiyakuza kini, nxa sengidabulile iMakedoniya; ngokuba ngiyakudabula iMakedoniya; kepha ngingahle ngihlale isikhathi kini, noma ngidlulise nobusika, ukuze ningiqhube lapho ngisuka ngiya khona. Ngokuba angizukunibona manje nxa ngidlula; ngokuba ngithemba ukuhlala kini isikhathi, uma iNkosi ivuma. Kepha ngizakuhlala e-Efesu, kuze kufike iPhentekoste; ngokuba ngivulelwe umnyango omkhulu wethuba lokusebenza; nabamelene nami baningi. Kepha nxa kufika uThimothewu, anobheka ukuba ahlale kini engenalo uvalo, ngokuba usebenza umsebenzi weNkosi njengami; ngakho makungabikho omdelelayo. Nize nimphelekezele endleleni ngokuthula ukuba eze kimi, ngokuba ngimbhekile kanye nabazalwane. Maqondana nomzalwane u-Apholo, ngamncenga kakhulu ukuba eze kini kanye nabazalwane; kepha kwakungesiyo intando yakhe neze ukuba eze manje; kodwa uyakuza nxa enethuba. Lindani nigxile ekukholweni, nibe ngamadoda, nibe namandla. Konke enikwenzayo akwenziwe ngothando. Ngiyanincenga, bazalwane, niyayazi indlu kaStefana ukuthi ingulibo lwase-Akhaya nokuthi bazimisele ukukhonza abangcwele ukuba nibathobele abanjalo nabo bonke abasebenzisana nabo bekhandleka. Ngiyathokoza ngokufika kukaStefana noFortunatu no-Akhayiku, ngokuba bakufezile obekusilele ngakini. Ngokuba bawuhlumelele umoya wami nowenu; ngakho baziseni abanjalo. Amabandla ase-Asiya ayakhonza kini. O-Akwila noPriska bakhonza kakhulu kini eNkosini, kanye nebandla elisendlini yabo. Abazalwane bonke bayakhonza kini. Bingelelanani ngokwanga okungcwele. Nakhu ukukhonza kwami mina Pawulu ngesandla sami. Uma umuntu engayithandi iNkosi, makabe ngoqalekisiweyo. Woza, Nkosi! Umusa weNkosi uJesu mawube nani. Uthando lwami alube nani nonke kuKristu Jesu.

1 kwabaseKorinte 16:1-24 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)

Maqondana nokuqoqwa kweminikelo yabangcwele, njengalokho ngayala amabandla aseGalathiya, yenzani kanjalo nani. Ngosuku lokuqala lweviki yilowo nalowo kini makabeke eceleni kwakhe njengokuphumelelayo kukaNkulunkulu, ukuze kungabikho ukubuthwa, lapho ngifika. Njalo ekufikeni kwami labo enibavuma ngezincwadi, ngizakubathuma ukuthi balethe izipho zenu eJerusalema. Futhi uma kufanele ukuthi nami ngihambe, bayakuhamba nami. Kepha ngiyakuza kini, nxa sengidabulile iMakedoniya, ngokuba ngiyakudabula iMakedoniya. Futhi mhlawumbe ngizahlala lani, yebo, lobusika, ukuze ningihambise loba ngaphi lapho engiya khona. Ngokuba angithandi ukunibona manje ngidlula; kodwa ngiyethemba ukuhlala kini isikhathi, uma iNkosi ivuma. Kodwa ngizahlala e-Efesu kuze kufike iPhentekoste. Ngokuba ngivulelwe umnyango omkhulu onamandla, nabamelene nami baningi. Kepha uma uThimothewu efika, bhekani ukuba abe kini engesabi, ngokuba usebenza umsebenzi weNkosi njengami. Ngakho makungabikho omdelelayo, kodwa mhambiseni ngokuthula, ukuze eze kimi, ngokuba ngimlindile kanye nabazalwane. Maqondana nomzalwane u-Apholo, ngamncenga kakhulu ukuba eze kini kanye nabazalwane; kodwa uyeza nxa enethuba. Lindani, nime niqinile ekukholweni, nibe ngamadoda, nibe namandla. Zonke izinto zenu makwenziwe ngothando. Ngiyanincenga, bazalwane, niyayazi indlu kaStefana ukuthi iyilibo lase-Akhaya nokuthi bazinikele enkonzweni yabangcwele; ukuze nibathobele abanjalo, nakubo bonke abasizayo nabakhandlekayo kanye nathi. Ngiyathokoza ngokufika kukaStefana noFortunatu no-Akhayiku, ngokuba bakufezile ukusilela kwenu. Ngokuba bawuqabulile umoya wami nowenu; Amabandla ase-Asiya ayakhonza kini. U-Akwila noPrisila bayakhonza kini kakhulu eNkosini kanye nebandla elisendlini yabo. Abazalwane bonke bayakhonza kini. Bingelelanani ngokwanga okungcwele. Isibingelelo sami mina Pawulu ngesami isandla. Uma umuntu engayithandi iNkosi uJesu Kristu, makabe ngoqalekisiweyo. Umusa weNkosi yethu uJesu Kristu mawube nani. Uthando lwami malube nani nonke kuKristu Jesu. Amen. (Incwadi yokuqala eya kwabaseKorinte yabhalwa nguStefana noFortunatu no-Akhayiku noThimothewu eseFilipi.)