1 kwabaseKorinte 16

16
1 kwabaseKorinte 16
1Maqondana nokuqoqwa kweminikelo yabangcwele, njengalokho ngayala amabandla aseGalathiya, yenzani kanjalo nani.
2Ngosuku lokuqala lweviki yilowo nalowo kini makabeke eceleni kwakhe njengokuphumelelayo kukaNkulunkulu, ukuze kungabikho ukubuthwa, lapho ngifika.
3Njalo ekufikeni kwami labo enibavuma ngezincwadi, ngizakubathuma ukuthi balethe izipho zenu eJerusalema.
4Futhi uma kufanele ukuthi nami ngihambe, bayakuhamba nami.
5Kepha ngiyakuza kini, nxa sengidabulile iMakedoniya, ngokuba ngiyakudabula iMakedoniya.
6Futhi mhlawumbe ngizahlala lani, yebo, lobusika, ukuze ningihambise loba ngaphi lapho engiya khona.
7Ngokuba angithandi ukunibona manje ngidlula; kodwa ngiyethemba ukuhlala kini isikhathi, uma iNkosi ivuma.
8Kodwa ngizahlala e-Efesu kuze kufike iPhentekoste.
9Ngokuba ngivulelwe umnyango omkhulu onamandla, nabamelene nami baningi.
10Kepha uma uThimothewu efika, bhekani ukuba abe kini engesabi, ngokuba usebenza umsebenzi weNkosi njengami.
11Ngakho makungabikho omdelelayo, kodwa mhambiseni ngokuthula, ukuze eze kimi, ngokuba ngimlindile kanye nabazalwane.
12Maqondana nomzalwane u-Apholo, ngamncenga kakhulu ukuba eze kini kanye nabazalwane; kodwa uyeza nxa enethuba.
13Lindani, nime niqinile ekukholweni, nibe ngamadoda, nibe namandla.
14Zonke izinto zenu makwenziwe ngothando.
15Ngiyanincenga, bazalwane, niyayazi indlu kaStefana ukuthi iyilibo lase-Akhaya nokuthi bazinikele enkonzweni yabangcwele;
16ukuze nibathobele abanjalo, nakubo bonke abasizayo nabakhandlekayo kanye nathi.
17Ngiyathokoza ngokufika kukaStefana noFortunatu no-Akhayiku, ngokuba bakufezile ukusilela kwenu.
18Ngokuba bawuqabulile umoya wami nowenu;
19Amabandla ase-Asiya ayakhonza kini. U-Akwila noPrisila bayakhonza kini kakhulu eNkosini kanye nebandla elisendlini yabo.
20Abazalwane bonke bayakhonza kini. Bingelelanani ngokwanga okungcwele.
21Isibingelelo sami mina Pawulu ngesami isandla.
22Uma umuntu engayithandi iNkosi uJesu Kristu, makabe ngoqalekisiweyo.
23Umusa weNkosi yethu uJesu Kristu mawube nani.
24Uthando lwami malube nani nonke kuKristu Jesu. Amen. (Incwadi yokuqala eya kwabaseKorinte yabhalwa nguStefana noFortunatu no-Akhayiku noThimothewu eseFilipi.)

Okuqokiwe okwamanje:

1 kwabaseKorinte 16: CZB24

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo