1 KwabaseKhorinte 16

16
Ukunikelelwa Kwamakholwa
1 Maqondana nomnikelo oqoqelwa abangcwele, njengalokhu ngawayala amabandla aseGalathiya, nani-ke yenzani kanjalo. 2 Ngosuku lokuqala lweviki akube yilowo nalowo azibekele, aqongelele azakunikela ngakho njengokuphumelela kwakhe, ukuze kuthi lapho ngifika, kungabi yima kuqalwa kuqoqwa umnikelo. 3Kuyakuthi ekufikeni kwami, ngithumele eJerusalema labo enibaqokileyo, bephethe izincwadi, baziyise izipho zenu zothando. 4Uma nami kufanele ukuba ngihambe, ngiyakuhamba nabo.
Uhlelo Lohambo LukaPawula
5 Ngiyakuza kini uma sengedlulile eMakhedoniya, ngokuba ngiyakudlula khona eMakhedoniya. 6Mhlawumbe kungenzeka ngihlale nani isikhathi esithile, noma kuze kwedlule ubusika, ukuze ningiqhube ohambeni lwami noma kuphi lapho ngiya khona. 7 Ngokuba manje angithandi ukunibona ngedlula, lokhu ngithemba ukuthi ngizakuhlala nani isikhathi, uma iNkosi ivuma. 8 Kepha ngizakuhlala e-Efesu, kuze kufike umkhosi wePhentekhoste, 9 ngokuba ngivulelwe umnyango omkhulu wethuba lokusebenza; nakuba bebaningi abamelene nami.
10 Uma uThimothewu efika lapho, anoqikelela ukuba ahlale nani engenalo uvalo, ngokuba naye usebenza umsebenzi weNkosi njengami, 11 ngakho-ke makungabi bikho omedelelayo. Uma esehamba anomkhapha ngokuthula endleleni, ngokuba ngimlindele yena nabazalwane.
12 Maqondana nomzalwane u-Apholo, ngamncenga kakhulu ukuba eze kini nabazalwane, kodwa kwakungesiyo intando yakhe ukuba eze manje. Kepha uyakuza kini uma esethole ithuba.
Isicelo SikaPawula
13 Lindani, nime niqinile ekukholweni, nime isibindi, nibe namandla. 14Konke enikwenzayo, kwenzeni ngothando.
15 Ngiyanincenga manje bazalwane, niyazi ukuthi indlu kaStefana iwulibo lokuqala lwase-Akhaya, nokuthi bazinikela ukuba basize abangcwele, 16 ukuba nibathobele abanjalo nabo bonke abasebenzisana nabo bezikhandla. 17Ngiyathokoza ngokufika kukaStefana, uFortunatu no-Akhayiku, lokhu basivalile isikhala sokungabi bikho kwenu lapha. 18 Ngokuba bawuvuselele umoya wami nowenu, ngakho-ke basizeni abantu abanjalo.
Isiphetho
19 Ayakhonza kini amabandla ase-Asiya. U-Akhwila, uPhriska kanye nebandla elisendlini yabo, bayakhonza kakhulu kini eNkosini. 20 Bonke abazalwane bayakhonza kini. Bingelelanani ngokwangana okungcwele.
21 Nanku umkhonzo wami, mina Pawula, engiwuloba ngesandla sami.
22Uma umuntu engayithandi iNkosi, makabe ngoqalekisiweyo. Woza, Nkosi yethu!
23 Umusa weNkosi uJesu mawube nani.
24Uthando lwami malube nani nonke kuKhristu uJesu.

Okuqokiwe okwamanje:

1 KwabaseKhorinte 16: ZUL20

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo