1 kwabaseKorinte 16

16
Ukunikelelwa kwamakholwa
1 Maqondana nomnikelo obuthelwa abangcwele, njengalokho ngayala amabandla aseGalathiya, yenzani kanjalo nani. 2 Ngosuku lokuqala lweviki akube yilowo nalowo azibekelele eqongelela njengenhlanhla yakhe, ukuze kuthi nxa ngifika, kungabi yikhathi kwenziwa umnikelo. 3Ekufikeni kwami labo enibakhethayo ngizakubathuma, bephethe izincwadi, ukuba bayise izipho zenu zothando eJerusalema; 4uma kufanele ukuba nami ngihambe, bayakuhamba kanye nami.
Ihlelo lokuhamba kukaPawulu
5 Kepha ngiyakuza kini, nxa sengidabulile iMakedoniya; ngokuba ngiyakudabula iMakedoniya; 6kepha ngingahle ngihlale isikhathi kini, noma ngidlulise nobusika, ukuze ningiqhube lapho ngisuka ngiya khona. 7 Ngokuba angizukunibona manje nxa ngidlula; ngokuba ngithemba ukuhlala kini isikhathi, uma iNkosi ivuma. 8 Kepha ngizakuhlala e-Efesu, kuze kufike iPhentekoste; 9 ngokuba ngivulelwe umnyango omkhulu wethuba lokusebenza; nabamelene nami baningi.
10 Kepha nxa kufika uThimothewu, anobheka ukuba ahlale kini engenalo uvalo, ngokuba usebenza umsebenzi weNkosi njengami; 11 ngakho makungabikho omdelelayo. Nize nimphelekezele endleleni ngokuthula ukuba eze kimi, ngokuba ngimbhekile kanye nabazalwane.
12 Maqondana nomzalwane u-Apholo, ngamncenga kakhulu ukuba eze kini kanye nabazalwane; kepha kwakungesiyo intando yakhe neze ukuba eze manje; kodwa uyakuza nxa enethuba.
13 Lindani nigxile ekukholweni, nibe ngamadoda, nibe namandla. 14Konke enikwenzayo akwenziwe ngothando.
15 Ngiyanincenga, bazalwane, niyayazi indlu kaStefana ukuthi ingulibo lwase-Akhaya nokuthi bazimisele ukukhonza abangcwele 16 ukuba nibathobele abanjalo nabo bonke abasebenzisana nabo bekhandleka. 17Ngiyathokoza ngokufika kukaStefana noFortunatu no-Akhayiku, ngokuba bakufezile obekusilele ngakini. 18 Ngokuba bawuhlumelele umoya wami nowenu; ngakho baziseni abanjalo.
Isigcino
19 Amabandla ase-Asiya ayakhonza kini. O-Akwila noPriska bakhonza kakhulu kini eNkosini, kanye nebandla elisendlini yabo. 20 Abazalwane bonke bayakhonza kini. Bingelelanani ngokwanga okungcwele.
21 Nakhu ukukhonza kwami mina Pawulu ngesandla sami.
22Uma umuntu engayithandi iNkosi, makabe ngoqalekisiweyo. Woza, Nkosi!
23 Umusa weNkosi uJesu mawube nani.
24Uthando lwami alube nani nonke kuKristu Jesu.

Okuqokiwe okwamanje:

1 kwabaseKorinte 16: ZUL59

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo