UZefaniya 3:14-17

UZefaniya 3:14-17 CZB24

Hlabelela, ndodakazi yaseZiyoni! jabula, Israyeli! jabula, uthokoze ngenhliziyo yakho yonke, ndodakazi yaseJerusalema. UJehova usezisusile izahlulelo zakho, usixoshile isitha sakho; inkosi yakwa-Israyeli, uJehova, iphakathi kwakho; anisayikubona ububi. Ngalolo suku kuyothiwa kulo iJerusalema: “Ungesabi, nakulo iSiyoni: Mazingadangali izandla zakho. UJehova uNkulunkulu wakho uphakathi kwakho; uyakusindisa, ajabule ngawe ngentokozo; uyophumula othandweni lwakhe, ajabule ngawe ngengoma.