Hlokoma ngentokozo ndodakazi yaseZiyoni, umemeze, Israyeli, uthokoze, futhi ujabule ngenhliziyo yonke, ndodakazi yaseJerusalema. USimakade usisusile isigwebo sakho, wasixosha nesitha sakho. INkosi yakwa-Israyeli, uSimakade, iphakathi kwakho, awusayukwesaba futhi okubi. Ngalolo lusuku kuyakuthiwa kulo iJerusalema: “Ungesabi, Ziyoni! Izandla zakho mazingayethi. USimakade uNkulunkulu wakho unawe, iqhawe eliyakukunqobisa. Uyakukujabulela kakhulu wena, athule othandweni lwakhe, akuthokozele ngokuhlokoma kwentokozo.”
Funda UZefaniya 3
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: UZefaniya 3:14-17
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo