UZefaniya 3:14-17
UZefaniya 3:14-17 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Hlokoma ngentokozo ndodakazi yaseZiyoni, umemeze, Israyeli, uthokoze, futhi ujabule ngenhliziyo yonke, ndodakazi yaseJerusalema. USimakade usisusile isigwebo sakho, wasixosha nesitha sakho. INkosi yakwa-Israyeli, uSimakade, iphakathi kwakho, awusayukwesaba futhi okubi. Ngalolo lusuku kuyakuthiwa kulo iJerusalema: “Ungesabi, Ziyoni! Izandla zakho mazingayethi. USimakade uNkulunkulu wakho unawe, iqhawe eliyakukunqobisa. Uyakukujabulela kakhulu wena, athule othandweni lwakhe, akuthokozele ngokuhlokoma kwentokozo.”
UZefaniya 3:14-17 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Hlabelela ngokujabula, ndodakazi yaseSiyoni, umemeze, Israyeli, uthokoze, wethabe ngenhliziyo yonke, ndodakazi yaseJerusalema. UJehova ususile ukwahlulelwa kwakho, uxoshile izitha zakho. INkosi yakwa-Israyeli, uJehova, iphakathi kwakho; awusayikwesaba okubi. Ngalolo suku kuyakuthiwa kulo iJerusalema: “Ungesabi, Siyoni! Izandla zakho mazingadangali. UJehova uNkulunkulu wakho uphakathi kwakho, iqhawe eliyakukusindisa; uyakujabula ngawe ngentokozo, athule othandweni lwakhe, ethabe ngawe ngokuhlabelela.”
UZefaniya 3:14-17 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Hlabelela, ndodakazi yaseZiyoni! jabula, Israyeli! jabula, uthokoze ngenhliziyo yakho yonke, ndodakazi yaseJerusalema. UJehova usezisusile izahlulelo zakho, usixoshile isitha sakho; inkosi yakwa-Israyeli, uJehova, iphakathi kwakho; anisayikubona ububi. Ngalolo suku kuyothiwa kulo iJerusalema: “Ungesabi, nakulo iSiyoni: Mazingadangali izandla zakho. UJehova uNkulunkulu wakho uphakathi kwakho; uyakusindisa, ajabule ngawe ngentokozo; uyophumula othandweni lwakhe, ajabule ngawe ngengoma.