KwabaseRoma 12:11-19

KwabaseRoma 12:11-19 CZB24

Lingavilaphi emsebenzini; ovuthayo emoyeni; ukukhonza iNkosi; Jabulani ethembeni; ubekezele osizini; niqinise emthandazweni; Yabelani abangcwele ekuswelekeni; emukela izihambi. Babusiseni abanizingelayo; busisani, ningaqalekisi. Jabulani nabathokozayo, nikhale nabakhalayo. Yibani nomqondo munye omunye komunye. Ningagxili ezintweni eziphakeme, kodwa zehliseni kwabaphansi. Ningahlakaniphi ngokwenu. Ningaphindiseli muntu okubi ngokubi. Yenzani izinto eziqotho phambi kwabantu bonke. Uma kungenzeka, ngokusemandleni enu, hlalani ngokuthula nabantu bonke. Bathandekayo, ningaziphindiseli nina, kodwa dedelani ulaka, ngokuba kulotshiwe ukuthi: Ngokwami ukuphindisela; ngiyakubuyisela mina, isho iNkosi.