KwabaseRoma 12:11-19

KwabaseRoma 12:11-19 ZUL59

ekukhuthaleni ningenqeni, nivuthe emoyeni, nikhonze iNkosi; ethembeni nithokoze; osizini nibekezele; ekukhulekeni niqinisele njalo; hlanganyelani nabangcwele ekusweleni kwabo, nikhuthalele ukungenisa izihambi. Babusiseni abanizingelayo; busisani, ningaqalekisi. Thokozani nabathokozayo, nikhale nabakhalayo. Manibe nhliziyonye; ningazindli okuphakemeyo, kodwa yaneliswani ngokuphansi. Ningazishayi abahlakaniphileyo. Ningaphindiseli muntu okubi ngokubi; nakani okuhle phambi kwabantu bonke; uma kungenzeka, ngokwenu hlalisanani ngokuthula nabantu bonke; ningaziphindiseli nina bathandwa, kodwa dedelani ulaka, ngokuba kulotshiwe ukuthi: “Ngokwami ukuphindisela, ngiyakubuyisela mina,” isho iNkosi.