KwabaseRoma 12:11-19

KwabaseRoma 12:11-19 ZUL20

ekukhuthaleni, ningabi ngamavila; nivuthe emoyeni, nikhonze iNkosi; ethembeni nithokoze, osizini nibekezele, nasekukhulekeni ningaphezi, nifune njalo ukuhlanganyela ekusweleni kwabangcwele, nisize nabayizihambi. Babusiseni abanihluphayo; busisani, ningaqalekisi. Thokozani nabathokozayo, nikhale nabakhalayo. Nibe mqondo munye, nicabangelane ngokufanayo; ningazikhukhumezi, kodwa zihlanganiseni nabathobekileyo. Ningazishayi abahlakaniphileyo. Ningaphindisi okubi ngokubi, khuthalelani ukwenza okuhle phambi kwabantu bonke. Uma kungenzeka, hlalani ngokuthula nabantu bonke. Bathandekayo, ningaphindiseli, kodwa dedelani ulaka lukaNkulunkulu, ngokuba kulotshiwe ukuthi