IsAmbulo 5:1-14

IsAmbulo 5:1-14 CZB24

Ngase ngibona esandleni sokunene salowo ohlezi esihlalweni sobukhosi incwadi ilotshiwe ngaphakathi nangaphandle, inamathelwe ngezimpawu eziyisikhombisa. Ngase ngibona ingelosi enamandla imemeza ngezwi elikhulu, ithi: Ngubani ofanele ukuvula incwadi nokuthukulula izimpawu zayo na? Kwakungekho-muntu ezulwini, nasemhlabeni, naphansi komhlaba, owayenamandla okuyivula incwadi, nokubheka kuyo. Ngakhala kakhulu, ngokuba kungafunyanwanga muntu ofanele ukuyivula nokuyifunda incwadi, nokubheka kuyo. Omunye wamalunga wathi kimi: “Ungakhali; bheka, inqobile iNgonyama yesizwe sakwaJuda, iMpande kaDavide, ukuvula incwadi nokuthukulula izimpawu zayo eziyisikhombisa. Ngasengibona, khangela-ke, phakathi kwesihlalo sobukhosi lezidalwa ezine eziphilayo, laphakathi kwabadala, kumi iWundlu linjengokuhlatshiwe, linezimpondo eziyisikhombisa lamehlo ayisikhombisa, angoMoya abayisikhombisa bezulu. UNkulunkulu wathumela emhlabeni wonke. Yasesiza yaluthatha ugwalo esandleni sokunene salowo owayehlezi esihlalweni sobukhosi. Kuthe seliyithathile incwadi, izidalwa ezine eziphilayo namalunga angamashumi amabili nane awa phansi phambi kweWundlu, ngayinye inehabhu nezitsha zegolide zigcwele impepho eyimikhuleko yabangcwele. Bahlabelela isihlabelelo esisha, bethi: Ufanele ukuyithatha incwadi nokuvula izimpawu zayo, ngokuba wahlatshwa, wasihlengela uNkulunkulu ngegazi lakho abavela kuzo zonke izizwe, nezilimi, nabantu, isizwe; Wasenza kuNkulunkulu wethu amakhosi nabapristi, futhi siyakubusa emhlabeni. Ngase ngibona, ngezwa izwi lezingelosi eziningi zihaqe isihlalo sobukhosi, nezilwane, namalunga; bethi ngezwi elikhulu: “Lifanele iWundlu elahlatshwa ukwamukela amandla, nengcebo, nokuhlakanipha, namandla, nodumo, nenkazimulo, nokubusiswa. Konke okusezulwini, nasemhlabeni, naphansi komhlaba, nokuselwandle, nakho konke okukukho, ngakuzwa, ngithi: Makube kini isibusiso, nodumo, nenkazimulo, namandla. Ohlezi esihlalweni sobukhosi nakulo iWundlu kuze kube phakade naphakade. Izidalwa ezine eziphilayo zathi: Ameni. Abadala abangamashumi amabili nane bawa phansi, bakhuleka kuye ophilayo kuze kube phakade naphakade.

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne IsAmbulo 5:1-14

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo