IsAmbulo 5:1-14

IsAmbulo 5:1-14 IsiZulu 2020 (ZUL20)

Ngase ngibona esandleni sokunene salowo owayehleli esihlalweni sobukhosi incwadi ilotshwe ngaphakathi nangaphandle, inamatheliswe yasicilelwa ngezisicilelo eziyisikhombisa. Ngabona ingelosi enamandla imemeza ngezwi elikhulu, ithi: “Ngubani ofanele ukuvula le ncwadi nokuqaqa izimpawu zayo na?” Kwakungekho namunye ezulwini nasemhlabeni, nangaphansi komhlaba owayenamandla okuyivula incwadi, nokuba nje abuke kuyo. Ngakhala kakhulu ngokuba kungafunyanwanga namunye ofanele ukuvula leyo ncwadi, nokuba nje abuke kuyo. Omunye wamalunga wayesethi kimi: “Ungakhali. INgonyama yesizwe sakwaJuda, iMpande kaDavide, inqobile, ukuze ivule incwadi nezisicilelo zayo eziyisikhombisa.” Ngabona phakathi kwesihlalo sobukhosi nezidalwa ezine naphakathi kwamalunga kumi iMvana kungathi ihlatshiwe, inezimpondo eziyisikhombisa namehlo ayisikhombisa angoMoya abayisikhombisa bakaNkulunkulu abathunyelwe emhlabeni wonke. Yeza, yayithabatha esandleni sokunene salowo owayehlezi esihlalweni sobukhosi. Kuthe isiyithabathile incwadi, izidalwa ezine namalunga angama-24 awa athi mbo ngobuso phambi kweMvana, yilelo nalelo liphethe ihabhu, nezitsha zegolide zigcwele impepho eyimikhuleko yabangcwele. Ahlabelela iculo elisha, elithi: “Ufanele Wena ukuyithabatha incwadi, nokuqaqa izimpawu zayo, ngokuba wahlatshwa, wabathengela uNkulunkulu ngegazi lakho abavela kuyo yonke imindeni, izilimi, abantu, nezizwe. Wabenza baba ngumbuso nabaphristi kuNkulunkulu wethu, babuse emhlabeni.” Ngase ngibona, futhi ngezwa izwi lezingelosi eziningi zihaqe isihlalo sobukhosi, izidalwa, namalunga, inani lezingelosi kwakuyizigidi nezinkulungwane zezinkulungwane, zithi ngezwi elikhulu: “Ifanele iMvana eyahlatshwa ukwemukela amandla, ingcebo, ukuhlakanipha, ukunqoba, udumo, inkazimulo, nesibusiso.” Ngase ngizwa zonke izidalwa ezulwini, emhlabeni, phansi komhlaba, nasolwandle, zonke zithi: “KuYena ohleli esihlalweni sobukhosi nakuyo iMvana; makube udumo, inkazimulo, namandla, kuze kube phakade naphakade.” Nezidalwa ezine, zathi: “Amen,” namalunga awa phansi athi mbo, akhuleka.

IsAmbulo 5:1-14 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)

Ngase ngibona esandleni sokunene salowo ohlezi esihlalweni sobukhosi incwadi ilotshiwe ngaphakathi nangaphandle, inamathelwe ngezimpawu eziyisikhombisa. Ngase ngibona ingelosi enamandla imemeza ngezwi elikhulu, ithi: Ngubani ofanele ukuvula incwadi nokuthukulula izimpawu zayo na? Kwakungekho-muntu ezulwini, nasemhlabeni, naphansi komhlaba, owayenamandla okuyivula incwadi, nokubheka kuyo. Ngakhala kakhulu, ngokuba kungafunyanwanga muntu ofanele ukuyivula nokuyifunda incwadi, nokubheka kuyo. Omunye wamalunga wathi kimi: “Ungakhali; bheka, inqobile iNgonyama yesizwe sakwaJuda, iMpande kaDavide, ukuvula incwadi nokuthukulula izimpawu zayo eziyisikhombisa. Ngasengibona, khangela-ke, phakathi kwesihlalo sobukhosi lezidalwa ezine eziphilayo, laphakathi kwabadala, kumi iWundlu linjengokuhlatshiwe, linezimpondo eziyisikhombisa lamehlo ayisikhombisa, angoMoya abayisikhombisa bezulu. UNkulunkulu wathumela emhlabeni wonke. Yasesiza yaluthatha ugwalo esandleni sokunene salowo owayehlezi esihlalweni sobukhosi. Kuthe seliyithathile incwadi, izidalwa ezine eziphilayo namalunga angamashumi amabili nane awa phansi phambi kweWundlu, ngayinye inehabhu nezitsha zegolide zigcwele impepho eyimikhuleko yabangcwele. Bahlabelela isihlabelelo esisha, bethi: Ufanele ukuyithatha incwadi nokuvula izimpawu zayo, ngokuba wahlatshwa, wasihlengela uNkulunkulu ngegazi lakho abavela kuzo zonke izizwe, nezilimi, nabantu, isizwe; Wasenza kuNkulunkulu wethu amakhosi nabapristi, futhi siyakubusa emhlabeni. Ngase ngibona, ngezwa izwi lezingelosi eziningi zihaqe isihlalo sobukhosi, nezilwane, namalunga; bethi ngezwi elikhulu: “Lifanele iWundlu elahlatshwa ukwamukela amandla, nengcebo, nokuhlakanipha, namandla, nodumo, nenkazimulo, nokubusiswa. Konke okusezulwini, nasemhlabeni, naphansi komhlaba, nokuselwandle, nakho konke okukukho, ngakuzwa, ngithi: Makube kini isibusiso, nodumo, nenkazimulo, namandla. ohlezi esihlalweni sobukhosi nakulo iWundlu kuze kube phakade naphakade. Izidalwa ezine eziphilayo zathi: Ameni. Abadala abangamashumi amabili nane bawa phansi, bakhuleka kuye ophilayo kuze kube phakade naphakade.

IsAmbulo 5:1-14 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)

Ngase ngibona esandleni sokunene sakhe owayehlezi esihlalweni sobukhosi incwadi ilotshiwe ngaphakathi nangaphandle, inamathelisiwe ngezimpawu eziyisikhombisa. Ngase ngibona ingelosi enamandla imemeza ngezwi elikhulu, ithi: “Ngubani ofanele ukuvula le ncwadi nokuqaqa izimpawu zayo na?” Kwakungekho namunye ezulwini, nasemhlabeni, nangaphansi komhlaba owayenamandla okuyivula incwadi, abuke kuyo. Ngakhala kakhulu ngokuba kungafunyanwanga namunye ofanele ukuyivula leyo ncwadi, abuke kuyo. Omunye wamalunga wayesethi kimi: “Ungakhali; bheka, inqobile iNgonyama yesizwe sakwaJuda, iMpande kaDavide, ukuba ivule incwadi nezimpawu zayo eziyisikhombisa.” Ngase ngibona ngaphakathi kwesihlalo sobukhosi nezidalwa ezine nangaphakathi kwamalunga kumi iWundlu kungathi lihlatshiwe, linezimpondo eziyisikhombisa namehlo ayisikhombisa angoMoya abayisikhombisa bakaNkulunkulu abathunyelwe emhlabeni wonke. Leza, layithabatha esandleni sokunene sakhe owayehlezi esihlalweni sobukhosi. Kuthe seliyithabathile incwadi, izidalwa ezine namalunga angamashumi amabili nane awa phansi phambi kweWundlu, kuyilelo nalelo linehabhu* nezitsha zegolide zigcwele impepho eyimikhuleko yabangcwele. Ahlabelela igama elisha, athi: “Ufanele wena ukuyithabatha incwadi nokuvula izimpawu zayo, ngokuba wahlatshwa, wabathengela uNkulunkulu ngegazi lakho abavela kuyo yonke imindeni, nezilimi, nabantu, nezizwe, wabenza babe ngumbuso nabapristi kuNkulunkulu wethu, babuse emhlabeni.” Ngase ngibona, ngezwa izwi lezingelosi eziningi zihaqe isihlalo sobukhosi, nezidalwa, namalunga, nomumo wazo wawuyizigidi zezigidi nezinkulungwane zezinkulungwane, zithi ngezwi elikhulu: “Lifanele iWundlu elahlatshwayo ukwamukela amandla nengcebo, nokuhlakanipha, nokunqoba, nodumo, nenkazimulo, nesibusiso.” Nakho konke okudaliweyo okusezulwini, nokusemhlabeni, naphansi komhlaba, naselwandle, nakho konke okukukho, ngakuzwa kuthi: “Kuyena ohlezi esihlalweni sobukhosi nakulo iWundlu makube yisibusiso, nodumo, nenkazimulo, namandla kuze kube phakade naphakade.” Nezidalwa ezine zathi: “Amen,” namalunga awa phansi, akhuleka.

IsAmbulo 5:1-14 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)

Ngase ngibona esandleni sokunene salowo ohlezi esihlalweni sobukhosi incwadi ilotshiwe ngaphakathi nangaphandle, inamathelwe ngezimpawu eziyisikhombisa. Ngase ngibona ingelosi enamandla imemeza ngezwi elikhulu, ithi: Ngubani ofanele ukuvula incwadi nokuthukulula izimpawu zayo na? Kwakungekho-muntu ezulwini, nasemhlabeni, naphansi komhlaba, owayenamandla okuyivula incwadi, nokubheka kuyo. Ngakhala kakhulu, ngokuba kungafunyanwanga muntu ofanele ukuyivula nokuyifunda incwadi, nokubheka kuyo. Omunye wamalunga wathi kimi: “Ungakhali; bheka, inqobile iNgonyama yesizwe sakwaJuda, iMpande kaDavide, ukuvula incwadi nokuthukulula izimpawu zayo eziyisikhombisa. Ngasengibona, khangela-ke, phakathi kwesihlalo sobukhosi lezidalwa ezine eziphilayo, laphakathi kwabadala, kumi iWundlu linjengokuhlatshiwe, linezimpondo eziyisikhombisa lamehlo ayisikhombisa, angoMoya abayisikhombisa bezulu. UNkulunkulu wathumela emhlabeni wonke. Yasesiza yaluthatha ugwalo esandleni sokunene salowo owayehlezi esihlalweni sobukhosi. Kuthe seliyithathile incwadi, izidalwa ezine eziphilayo namalunga angamashumi amabili nane awa phansi phambi kweWundlu, ngayinye inehabhu nezitsha zegolide zigcwele impepho eyimikhuleko yabangcwele. Bahlabelela isihlabelelo esisha, bethi: Ufanele ukuyithatha incwadi nokuvula izimpawu zayo, ngokuba wahlatshwa, wasihlengela uNkulunkulu ngegazi lakho abavela kuzo zonke izizwe, nezilimi, nabantu, isizwe; Wasenza kuNkulunkulu wethu amakhosi nabapristi, futhi siyakubusa emhlabeni. Ngase ngibona, ngezwa izwi lezingelosi eziningi zihaqe isihlalo sobukhosi, nezilwane, namalunga; bethi ngezwi elikhulu: “Lifanele iWundlu elahlatshwa ukwamukela amandla, nengcebo, nokuhlakanipha, namandla, nodumo, nenkazimulo, nokubusiswa. Konke okusezulwini, nasemhlabeni, naphansi komhlaba, nokuselwandle, nakho konke okukukho, ngakuzwa, ngithi: Makube kini isibusiso, nodumo, nenkazimulo, namandla. Ohlezi esihlalweni sobukhosi nakulo iWundlu kuze kube phakade naphakade. Izidalwa ezine eziphilayo zathi: Ameni. Abadala abangamashumi amabili nane bawa phansi, bakhuleka kuye ophilayo kuze kube phakade naphakade.