ISambulo 5:1-14

ISambulo 5:1-14 ZUL20

Ngase ngibona esandleni sokunene salowo owayehleli esihlalweni sobukhosi incwadi ilotshwe ngaphakathi nangaphandle, inamatheliswe yasicilelwa ngezisicilelo eziyisikhombisa. Ngabona ingelosi enamandla imemeza ngezwi elikhulu, ithi: “Ngubani ofanele ukuvula le ncwadi nokuqaqa izimpawu zayo na?” Kwakungekho namunye ezulwini nasemhlabeni, nangaphansi komhlaba owayenamandla okuyivula incwadi, nokuba nje abuke kuyo. Ngakhala kakhulu ngokuba kungafunyanwanga namunye ofanele ukuvula leyo ncwadi, nokuba nje abuke kuyo. Omunye wamalunga wayesethi kimi: “Ungakhali. INgonyama yesizwe sakwaJuda, iMpande kaDavide, inqobile, ukuze ivule incwadi nezisicilelo zayo eziyisikhombisa.” Ngabona phakathi kwesihlalo sobukhosi nezidalwa ezine naphakathi kwamalunga kumi iMvana kungathi ihlatshiwe, inezimpondo eziyisikhombisa namehlo ayisikhombisa angoMoya abayisikhombisa bakaNkulunkulu abathunyelwe emhlabeni wonke. Yeza, yayithabatha esandleni sokunene salowo owayehlezi esihlalweni sobukhosi. Kuthe isiyithabathile incwadi, izidalwa ezine namalunga angama-24 awa athi mbo ngobuso phambi kweMvana, yilelo nalelo liphethe ihabhu, nezitsha zegolide zigcwele impepho eyimikhuleko yabangcwele. Ahlabelela iculo elisha, elithi: “Ufanele Wena ukuyithabatha incwadi, nokuqaqa izimpawu zayo, ngokuba wahlatshwa, wabathengela uNkulunkulu ngegazi lakho abavela kuyo yonke imindeni, izilimi, abantu, nezizwe. Wabenza baba ngumbuso nabaphristi kuNkulunkulu wethu, babuse emhlabeni.” Ngase ngibona, futhi ngezwa izwi lezingelosi eziningi zihaqe isihlalo sobukhosi, izidalwa, namalunga, inani lezingelosi kwakuyizigidi nezinkulungwane zezinkulungwane, zithi ngezwi elikhulu: “Ifanele iMvana eyahlatshwa ukwemukela amandla, ingcebo, ukuhlakanipha, ukunqoba, udumo, inkazimulo, nesibusiso.” Ngase ngizwa zonke izidalwa ezulwini, emhlabeni, phansi komhlaba, nasolwandle, zonke zithi: “KuYena ohleli esihlalweni sobukhosi nakuyo iMvana; makube udumo, inkazimulo, namandla, kuze kube phakade naphakade.” Nezidalwa ezine, zathi: “Amen,” namalunga awa phansi athi mbo, akhuleka.

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne ISambulo 5:1-14

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo