Amahubo 95:1-7

Amahubo 95:1-7 CZB24

Wozani sihlabelele inkazimulo kaJehova, sijabule kulo idwala lensindiso yethu. Masize phambi kobuso bakhe ngokubonga, simdumise ngamahubo. Ngokuba uJehova unguNkulunkulu omkhulu neNkosi enkulu phezu kwabo bonke onkulunkulu. Esandleni sakhe kukhona ukujula komhlaba; namandla ezintaba angawakhe. Ulwandle ngolwakhe, walwenza, izandla zakhe zabumba umhlabathi owomileyo. Wozani sikhuleke, sikhothame; masiguqe phambi kukaJehova uMdali wethu. Ngokuba unguNkulunkulu wethu; thina singabantu bedlelo lakhe nezimvu zesandla sakhe. Namuhla uma ufuna ukuzwa izwi lakhe

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo