Amahubo 95

95
Amahubo 95
Wozani sikhuleke, sikhothame; masiguqe phambi kukaJehova
1Wozani sihlabelele inkazimulo kaJehova, sijabule kulo idwala lensindiso yethu.
2Masize phambi kobuso bakhe ngokubonga, simdumise ngamahubo.
3Ngokuba uJehova unguNkulunkulu omkhulu neNkosi enkulu phezu kwabo bonke onkulunkulu.
4Esandleni sakhe kukhona ukujula komhlaba; namandla ezintaba angawakhe.
5Ulwandle ngolwakhe, walwenza, izandla zakhe zabumba umhlabathi owomileyo.
6Wozani sikhuleke, sikhothame; masiguqe phambi kukaJehova uMdali wethu.
7Ngokuba unguNkulunkulu wethu; thina singabantu bedlelo lakhe nezimvu zesandla sakhe. Namuhla uma ufuna ukuzwa izwi lakhe,
8Ningayenzi lukhuni inhliziyo yenu njengasekulingweni nanjengasosukwini lokulingwa ehlane.
9Lapho oyihlo bangilinga, bangivivinya, babona umsebenzi wami.
10Kwasekuyiminyaka engamatshumi amane ngidabukile ngalesisizukulwana, ngathi: Laba ngabantu abadukileyo enhliziyweni zabo, njalo abazazi izindlela zami.
11Engafunga kubo entukuthelweni yami ukuthi abayikungena ekuphumuleni kwami.

Okuqokiwe okwamanje:

Amahubo 95: CZB24

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume