AmaHubo 95:1-7

AmaHubo 95:1-7 ZUL59

Wozani simhubele uJehova, sihlabelele ngenjabulo kulo idwala lensindiso yethu. Masize phambi kobuso bakhe ngokubonga, sihlabelele kuye ngamahubo. Ngokuba uJehova unguNkulunkulu omkhulu, uyinkosi enkulu phezu kwawonkulunkulu bonke. Esandleni sakhe kukhona ukujula komhlaba; iziqongo zezintaba ngezakhe nazo. Ulwandle ngolwakhe, walwenza; nomhlabathi owomileyo izandla zakhe zawubumba. Wozani; masikhuleke, sikhothame, siguqe phambi kukaJehova, uMenzi wethu. Ngokuba yena unguNkulunkulu wethu, thina singabantu bedlelo lakhe nezimvu zesandla sakhe.

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo