Amahubo 66:1-9

Amahubo 66:1-9 CZB24

Kumholi wokuhlabelela, Ihubo noma ihubo. Hlabelelani inkazimulo yegama lakhe, khulisani udumo lwakhe. Yishoni kuNkulunkulu ukuthi: “Yeka ukwesabeka kwakho emisebenzini yakho! ngobukhulu bamandla akho izitha zakho ziyakuzithoba kuwe. Umhlaba wonke uyakukhuleka kuwe, ukuhubele; bayakulihubela igama lakho. Sela. Wozani nibone izenzo zikaNkulunkulu; uyesabeka ngezenzo zakhe kubantwana babantu. Waphendula ulwandle lwaba umhlabathi owomileyo; badabula umfula ngezinyawo; lapho sathokoza kuye. Uyabusa ngamandla akhe kuze kube phakade; amehlo akhe abona izizwe; abahlubukayo mabangaziphakamisi. Sela. Dumisani uNkulunkulu wethu, nina zizwe, nizwakale izwi lokudumisa kwakhe. Ogcina umphefumulo wethu uphila, ongavumeli izinyawo zethu zikhubeke.

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne Amahubo 66:1-9