AmaHubo 66:1-9

AmaHubo 66:1-9 ZUL59

Mhubeleni ngenjabulo uNkulunkulu, mhlaba wonke. Hlabelelelani inkazimulo yegama lakhe, nibabaze ukudunyiswa kwakhe. Yishoni kuNkulunkulu, nithi: “Yeka ukwesabeka kwemisebenzi yakho. Ngenxa yobukhulu bamandla akho izitha zakho ziyakuzithoba phansi kwakho. Umhlaba wonke uyakukhuleka kuwe, ukudumise; bayakuhubela igama lakho.” Sela* Wozani nibone izenzo zikaNkulunkulu; uyesabeka ekwenzeni kwakhe kubantwana babantu. Ulwandle waluguqula lwaba yizwe elomileyo; bawela umfula ngezinyawo; lapho sathokoza kuye. Ubusa ngamandla akhe kuze kube phakade; amehlo akhe ayahlozinga izizwe; abanenkani mabangaziphakamisi. Sela* Bongani uNkulunkulu wethu nina zizwe, nizwakalise izwi lokudunyiswa kwakhe ogcina umphefumulo wethu ekuphileni, engaluvumeli unyawo lwethu lushelele.

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne AmaHubo 66:1-9