Amahubo 48:1-14

Amahubo 48:1-14 CZB24

IsiHlabelelo neHubo lamadodana kaKora. Mkhulu uJehova, umelwe ukudunyiswa kakhulu emzini kaNkulunkulu wethu, entabeni yakhe engcwele. Inhle endaweni, intokozo yomhlaba wonke, intaba yaseSiyoni emaceleni asenyakatho, umuzi weNkosi enkulu. UNkulunkulu waziwa ezindlini zayo zobukhosi njengendawo yokuphephela. Ngokuba bheka, amakhosi ayendawonye, adlula kanyekanye. Bakubona, ngakho bamangala; baphatheke kabi basuka ngokushesha. Bafikelwa ukwesaba nobuhlungu obunjengobobeletha. Uyaphula imikhumbi yaseTharishishi ngomoya wasempumalanga. Njengoba sizwile, sibonile kanjalo emzini kaJehova Sebawoti, emzini kaNkulunkulu wethu: uNkulunkulu uyakuwuqinisa kuze kube phakade. Sela. Sikhumbule umusa wakho, Nkulunkulu, phakathi kwethempeli lakho. Njengebizo lakho, O Nkulunkulu, lunjalo udumo lwakho kuze kube semikhawulweni yomhlaba: Isandla sakho sokunene sigcwele ukulunga. Mayijabule intaba yaseSiyoni, amadodakazi akwaJuda ajabule ngezahlulelo zakho. Zungezani iSiyoni, nilihaqe; tshela imibhoshongo yakhe. Bhekani izinqaba zalo, nibheke izindlu zalo zobukhosi; ukuze nisitshele isizukulwane esizayo. Ngoba lo Nkulunkulu unguNkulunkulu wethu kuze kube phakade naphakade: uyosiholela ekufeni.

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo