AmaHubo 48:1-14
AmaHubo 48:1-14 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Mkhulu uSimakade, makadunyiswe emzini kaNkulunkulu wethu, entabeni yakhe engcwele. Inhle ngokuphakama, ingukuthokoza komhlaba wonke, intaba iZiyoni isemaphethelweni enyakatho, umuzi weNkosi enkulu. UNkulunkulu uyaziwa ezigodlweni ukuthi uyinqaba. Ngokuba amakhosi abuthana, aqhubeka kanyekanye. Ayibona intaba iZiyoni, amangala, ashaywa wuvalo, aphaphatheka, akhungathwa yingebhe lapho nemihelo, njengokowesifazane otetayo. Ngomoya wasempumalanga, waphula imikhumbi yaseTharishishi. Njengalokhu sizwile, kanjalo sikubonile emzini kaSimakade Wamabandla, emzini kaNkulunkulu wethu, uNkulunkulu uyowumisa kuze kube phakade. Sela Sizindla ngomusa wakho, Simakade, siphakathi ethempelini lakho. Njengoba linjalo igama lakho, Nkulunkulu, zinjalo nezibongo zakho kuze kube semikhawulweni yomhlaba, isandla sakho sokunene sigcwele ukulunga. Intaba iZiyoni mayithokoze, kwethabe amadodakazi akwaJuda, ngenxa yezehlulelo zakho. Hambani nizungeze iZiyoni, nihambe kuyo yonke indawo, nibale imibhoshongo yalo. Qaphelani izindonga zalo, nidabule ezigodlweni zalo, ukuze nilandise ngalo isizukulwane esisazozalwa, ukuthi impela lo Nkulunkulu, unguNkulunkulu wethu waphakade naphakade. Uzosihola kuze kube sekufeni.
AmaHubo 48:1-14 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Mkhulu uJehova, udunyiswa kakhulu emzini kaNkulunkulu wethu entabeni yakhe engcwele. Inhle ngokuphakama, ingukuthokoza komhlaba wonke intaba yaseSiyoni emaceleni asenyakatho, umuzi weNkosi enkulu. UNkulunkulu uyaziwa ezindlini zawo zobukhosi ukuthi uyinqaba. Ngokuba bheka, amakhosi abuthana; aqhubeka kanyekanye. Abona, ayesemangala; ashaywa luvalo, aphaphatheka. Ehlelwa lapho ngukuthuthumela, yivuso njengakobelethayo. Ngomoya wasempumalanga waphula imikhumbi yaseTharishishi. Njengalokho sizwile, kanjalo sikubonile emzini kaJehova Sebawoti, emzini kaNkulunkulu wethu; uNkulunkulu uyakuwumisa kuze kube phakade. Sela* Siyazindla ngomusa wakho, Jehova, siphakathi ethempelini lakho. Njengalo igama lakho, Nkulunkulu, kunjalo ukubongwa kwakho kuze kube semikhawulweni yomhlaba; isandla sakho sokunene sigcwele ukulunga. Mayijabule intaba yaseSiyoni, kwethabe amadodakazi akwaJuda ngenxa yezahlulelo zakho. Zungezani iSiyoni, nilikake, nibale imibhoshongo yalo. Qaphelani izindonga zalo, nidabule izindlu zalo zobukhosi, ukuze nilandisele isizukulwane esizayo. Ngokuba lo Nkulunkulu, unguNkulunkulu wethu phakade naphakade; uzakusihola kuze kube sekufeni.
AmaHubo 48:1-14 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
IsiHlabelelo neHubo lamadodana kaKora. Mkhulu uJehova, umelwe ukudunyiswa kakhulu emzini kaNkulunkulu wethu, entabeni yakhe engcwele. Inhle endaweni, intokozo yomhlaba wonke, intaba yaseSiyoni emaceleni asenyakatho, umuzi weNkosi enkulu. UNkulunkulu waziwa ezindlini zayo zobukhosi njengendawo yokuphephela. Ngokuba bheka, amakhosi ayendawonye, adlula kanyekanye. Bakubona, ngakho bamangala; baphatheke kabi basuka ngokushesha. Bafikelwa ukwesaba nobuhlungu obunjengobobeletha. Uyaphula imikhumbi yaseTharishishi ngomoya wasempumalanga. Njengoba sizwile, sibonile kanjalo emzini kaJehova Sebawoti, emzini kaNkulunkulu wethu: uNkulunkulu uyakuwuqinisa kuze kube phakade. Sela. Sikhumbule umusa wakho, Nkulunkulu, phakathi kwethempeli lakho. Njengebizo lakho, O Nkulunkulu, lunjalo udumo lwakho kuze kube semikhawulweni yomhlaba: Isandla sakho sokunene sigcwele ukulunga. Mayijabule intaba yaseSiyoni, amadodakazi akwaJuda ajabule ngezahlulelo zakho. Zungezani iSiyoni, nilihaqe; tshela imibhoshongo yakhe. Bhekani izinqaba zalo, nibheke izindlu zalo zobukhosi; ukuze nisitshele isizukulwane esizayo. Ngoba lo Nkulunkulu unguNkulunkulu wethu kuze kube phakade naphakade: uyosiholela ekufeni.