AmaHubo 48

48
Ngobuhle bomuzi kaNkulunkulu waseSiyoni
Igama. Ihubo lamadodana kaKora.
1 Mkhulu uJehova, udunyiswa kakhulu
emzini kaNkulunkulu wethu entabeni yakhe engcwele.
2 Inhle ngokuphakama,
ingukuthokoza komhlaba wonke
intaba yaseSiyoni emaceleni asenyakatho,
umuzi weNkosi enkulu.
3 UNkulunkulu uyaziwa ezindlini zawo zobukhosi
ukuthi uyinqaba.
4 Ngokuba bheka, amakhosi abuthana;
aqhubeka kanyekanye.
5Abona, ayesemangala;
ashaywa luvalo, aphaphatheka.
6Ehlelwa lapho ngukuthuthumela,
yivuso njengakobelethayo.
7 Ngomoya wasempumalanga
waphula imikhumbi yaseTharishishi.
8Njengalokho sizwile,
kanjalo sikubonile
emzini kaJehova Sebawoti,
emzini kaNkulunkulu wethu;
uNkulunkulu uyakuwumisa kuze kube phakade. Sela*
9Siyazindla ngomusa wakho, Jehova,
siphakathi ethempelini lakho.
10Njengalo igama lakho, Nkulunkulu,
kunjalo ukubongwa kwakho kuze kube semikhawulweni yomhlaba;
isandla sakho sokunene sigcwele ukulunga.
11Mayijabule intaba yaseSiyoni,
kwethabe amadodakazi akwaJuda ngenxa yezahlulelo zakho.
12Zungezani iSiyoni, nilikake,
nibale imibhoshongo yalo.
13Qaphelani izindonga zalo,
nidabule izindlu zalo zobukhosi,
ukuze nilandisele isizukulwane esizayo.
14Ngokuba lo Nkulunkulu, unguNkulunkulu wethu phakade naphakade;
uzakusihola kuze kube sekufeni.

Okuqokiwe okwamanje:

AmaHubo 48: ZUL59

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo