AMahubo 48:1-14

AMahubo 48:1-14 ZUL20

Mkhulu uSimakade, makadunyiswe emzini kaNkulunkulu wethu, entabeni yakhe engcwele. Inhle ngokuphakama, ingukuthokoza komhlaba wonke, intaba iZiyoni isemaphethelweni enyakatho, umuzi weNkosi enkulu. UNkulunkulu uyaziwa ezigodlweni ukuthi uyinqaba. Ngokuba amakhosi abuthana, aqhubeka kanyekanye. Ayibona intaba iZiyoni, amangala, ashaywa wuvalo, aphaphatheka, akhungathwa yingebhe lapho nemihelo, njengokowesifazane otetayo. Ngomoya wasempumalanga, waphula imikhumbi yaseTharishishi. Njengalokhu sizwile, kanjalo sikubonile emzini kaSimakade Wamabandla, emzini kaNkulunkulu wethu, uNkulunkulu uyowumisa kuze kube phakade. Sela Sizindla ngomusa wakho, Simakade, siphakathi ethempelini lakho. Njengoba linjalo igama lakho, Nkulunkulu, zinjalo nezibongo zakho kuze kube semikhawulweni yomhlaba, isandla sakho sokunene sigcwele ukulunga. Intaba iZiyoni mayithokoze, kwethabe amadodakazi akwaJuda, ngenxa yezehlulelo zakho. Hambani nizungeze iZiyoni, nihambe kuyo yonke indawo, nibale imibhoshongo yalo. Qaphelani izindonga zalo, nidabule ezigodlweni zalo, ukuze nilandise ngalo isizukulwane esisazozalwa, ukuthi impela lo Nkulunkulu, unguNkulunkulu wethu waphakade naphakade. Uzosihola kuze kube sekufeni.

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo